UThidiela ucikwa wukweyiswa yiStellenbosch efuna umdlali wakhe ‘ngozuka’

Thidiela ucikwa wukweyiswa yiStellenbosch efuna umdlali wakhe 'ngozuka'
USibongiseni Mthethwa weBlack Leopards
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Usihlalo weBlack Leopards, uDavid Thidiela ucasukile ngokudelelwa yiStellenbosch FC efuna ayidayisele umdlali wakhe oyijini yasesiswini, uSibongiseni “Ox” Mthethwa ngemali ayibize ‘ngozuka’.

UMthethwa ube ngomunye wabadlali abagqamile kwiLeopards yize igcine idliwe yizembe futhi kunamaqembu amaningi okuthiwa ayamhalela.

Kodwa abaphathi balo mdlali kuthiwa banike iStellenbosch ithuba lokuba kube yiyo exoxisana neLeopards kuqala ngoba kade vele yakukhombisa ukuthi iyamfuna.

Okunye okubenze balithathele phezulu leli qembu laseKapa wukuthi ngumqeqeshi walo, uSteve Barker uqobo lwakhe othe uyamfuna lo mdlali.

Osondelene nabaphathi bakaMthethwa utshele Impempe ukuthi uBarker wathi umfunela ukuvala ngaye isikhala sikaPhathutshedzo Nange oya kwiChiefs.

“Bayiqale kahle kakhulu indaba futhi bebengabantu abazwakala benentshisekelo enkulu ngaye. Yingakho ke abaphathi bakhe bekhethe ukuthi bake bawazibe amanye amaqembu asemfuna manje lo mfana, bathi akuqedwe neStellenbosch kuqala.

“Futhi nosihlalo weLeopards (Thidiela) ubamukele kahle, wabatshela ukuthi akanankinga nokudedela umfana ngoba kuzobe kuyithuba lokuqhubeka nokudlala esigabeni esiphezulu kuye. Uphoxeke kwaphela nasozwaneni ke esezwa ukuthi bafuna ukukhokha malini.

“Uthe yena le mali wayigcina eminaykeni engaphezu kweshumi edlule ukudayisa ngayo umdlali,” kusho lo mthombo. Uthe iStellenbosch sithe sizokhokha uR400 000 ngalo mdlali.

“Uphoxeke kakhulu futhi ucasulwa wukuthi bamenza isilima, bamthatha kancane. Uthi bathe phela lo mfana bekuyisizini yakhe yokuqala kulesi sigaba ngakho abanasiqiniseko ukuthi uzoqhubeka yini nokudlala kahle. Ukweyisa nje kwalokho.

“Ngisho abaphathi bomfana bathe akavele akhohlwe yibo, alindele abanye uma nbeza nemali esile hhayi laba abagcwele ukugcwaneka nokudlala,” kuqhuba lo mthombo.

Funda nala: Uyabuya uManyama kwiChiefs, uBilliat akucaci

Kuzokhumbuleka ukuthi uThidiela akakuthandi ukuthatheka kancane nokuyinto eyamenza wayincisha iKaizer Chiefs uSiphelele Ntshangase ngesikhathi imfuna kakhulu.

Ngaleso sikhathi iChiefs yafika noR2-million, wayitshela ukuthi ngeke yena adayise umdlali wakhe ophambili ngaleyo mali ikakhulukazi eqenjini elikhulu.

Wagcina emnikeze iBaroka ngemali efanayo neyayobekwe yiChiefs etafuleni. UNtshangase wahlala izinyanga eziyisithupha kwiBaroka wabe esedlulela kwiChiefs. Igcine imchithile ke nayo ngenxa yokuthi wehlulekile ukubamba isitayela saleli qembu iminyaka emine yonke ekulo.

Odabeni lukaMthethwa, uThidiela kuthiwa usebeke uR6-million kunoma yiliphi iqembu elifisa ukumsayina. Uthe uma amaqembu ebona iningi le mali, awakhohlwe yilo mdlli yena uzoqhubeka amholele imali abeyihola besadlala kwiDStv Premiership nangesizini ezayo bese akhela phezu kwakhe iqembu afuna lilwele ukunbuyela phezulu.
EMAIL: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *