UThobejane ukhala ngokunwabuzelwa kwabadlali beBaroka esuthe induku

UThobejane ukhala ngokunwabuzelwa kwabadlali beBaroka esuthe induku
UKgoloko Thobejane
Sihle Ndlovu

Umqeqeshi weBaroka FC uKgoloko Thobejane ukhala ngokunwabuzela kwabadlali bakhe akholwa ukuthi yikona okubabulele ngesikhathi beshaywa yiSekhukhune United ngo 4-0 ngeSonto.

Kulo mdlalo weDStv Premiership iBaroka ayidlalanga kahle kanti kugqame nenqwaba yamaphutha ikakhukazi emuva.

“Noma ungasinika eminye imizuzu engu-90 ngeke kulunge,” kusho uThobejane enikina ikhanda ngemuva komdlalo.

“Abadlali bami bebengekho nhlobo emdlalweni. Ngomzuzu wokuqala sithole ithuba, uma ugeja ithuba elihle kanjeya uyajeziswa.”

Okuyinkinga ukuthi imidlalo iyancipha njengoba iBaroka iyibambe emsileni kwilogi yePremiership.

“Thina besihlale silandela emuva kuyo yonke into ebesiyenza. Besiphendula kamuva nobekwenza ukuthi sihlakazeke kakhulu,” kubeka lo mqeqeshi.

FUNDA NALA: UShonga uthi isiqalo nje lesi asenzayo kwiSekhukhune, kukhulu okuzayo

“Besishaya ngonyawo lonwabo kakhulu. Uma ubheka amagoli angenile kuyazicacela lokho.

“ISekhukhune ibikhululekile. Ithole amathuba angebona oqekelele kodwa ukuthi bebengatatazeli nakancane.

“Sibe nawo amathuba kodwa engikubonile ukuthi besitatazela kakhulu,” kuphetha uThobejane.

IBaroka kuzomele ivuke izithathe uma isibhekene neKaizer Chiefs emdlalweni weligi ePeter Mokaba Stadium ngoMgqibelo. Lo mdlalo uzoshuba ngoba naMakhosi awadinga kakhulu amaphuzu.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.