UThobejane usale encoma ubala iChiefs seyidedele uswazi

UThobejane usale encoma ubala iChiefs seyidedele uswazi
UKgoloko Thobejane
OkaDonga Gumbi

Ukuncoma abadlali ngokuthi balwile bebe behluliwe kuyazifanela nje ngokukhala ngocishe, into engadlelwa.

Yikho ke okwenzeke kuKgoloko Thobejane weBaroka ngemuva kokushaywa yiKaizer Chiefs ngo 1-0 ngempelasonto.

“Njengoba bengike ngasho phambilini, kumele siqinise amatomu ekhaya. Kumele siwine noma sidlale ngokulingana okungenani.

“Kodwa ke namuhla kube yishwa nje. Yini esingayenza?,” kusho uThobejane ngemuva kwalo mdlalo obusePeter Mokaba Stadium ePolokwane.

“Bawathathile amaphuzu amathathu. Kodwa ngiyababonga abafana bami, balwile. Bawakhiphe wonke amandla abo.

“Kodwa ke thina sekuzodingeka sibuyele emuva ejimini siyolungisa ngoba asikwazi ukuyeka amathuba ngaleya ndlela.

“Esiwombeni sokuqala sizamile, nakwesesibili salwa saze senza izinguquko kodwa ke ibhola lidinga sibheke okuhle kuphela kulesi simo esikuso.

“Kumele sibheke phambili manje sizilungiselele umdlalo wethu neMarumo Gallants ngoLwesithathu,” kuchaza uThobejane.

Okumjabulisile lo mqeqeshi wukuthi bakwazile ukuvala kahle emuva akwangabaphinda okwenzeke beshaywa yiSekhukhune United la badedela khona amagoli amane.

“Besingcono kakhulu emuva, besiqinile… Negoli labo kube yibhola elizishayise kumdlali wethu. Ukuqokwa kuka(Oscarine) Masuluke abe nguMdlali oVelele kusho khona ukuthi ubesilwela.”

IBaroka yiyo eyibambe emsileni kwilogi yeDStv Premiership njengamanje njengoba isenamaphuzu angu-14 kuphela ngemuva kwemidlalo engu-20.

FUNDA NALA: Umqeqeshi uthi uyacindezelwa umshayisibhakela wakhe wesifazane

Nokho uThobejane uthi akukubi kakhulu futhi unethemba lokuthi basazokwazi ukusuka kule ndawo eyingozi abakuyo.

“Sinamaphuzu angu-14 kanti abanye (abangenhla kwethu) banangu-18 okusho sisalele emuva ngamane. Sisangaphuma kulo mgodi.

“Siyazi ukuthi singakwenza lokho. Kusele imidlalo eyishumi okumele silwe kuyo. Kodwa ngeke siyilwe lempi sishoda ngesikhali esiwukushaya amagoli.

“Uma ungumdlali ungenza noma yini enkundleni, ujike, uphase noma yini nje enye kodwa uma ungakwazi ukushaya amagoli kusuke kunenkinga.

“Sinenkinga yokungawashayi amagoli. Yinselelo okungeyona eyethu sodwa kodwa iyasicindezela thina ngoba sile phansi kwilogi.

“Kodwa sizolwa kuze kube siyalisusa iqembu kule ndawo elikuyo. Ngiyakholelwa kulokho, uma nje singalungisa le nkinga yamagoli.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.