Uthongathi luyeke ithuba lokuwina lulibele ukushweba

UPapi Zothwane
Sihle Ndlovu

Uthongani FC ludlale ngenqwaba yamathuba ngesikhathi lubambana neVenda Football Academy ngo 0-0 emdlalweni weGladAfrica Championship, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngoLwesibili.

Lokhu kugeja kweqembu lasekhaya bekwenza ukuthi umqeqeshi walo uPapi Zothwane, abambe ikhanda njalo ebhentshini, kwaze kwaphela umdlalo.

Uthongathi luqale umdlalo luhlasela kakhulu, kubonakala ukuthi luladlalela ekhaya. Nokho leli qembu aliwasebenzisanga amathuba eliwakhile.

Amathuba awele kukaputeni uFrancis “Lion” Baloyi, uMsawenkosi Silangwe noLesego kodwa bahluleka ukuqabulisa ibhola inethi. IVenda iwatholile nayo amathuba okushaya amagoli kodwa waphika unozinti woThongathi, uXolani Ngcobo.

Ziye ekhefini zibambene ngo 0-0 kodwa bekucaca ukuthi iqembu lasekhaya belihlasela kakhulu, njengoba bese linamakhona ayisithupha.

Isiwombe sesibili siqale womabili amaqembu ehlaselana kucaca ukuthi afuna igoli. Ngasohlangothini loThangothi kuphinde kwagqama ukungabi  ukhali kukakaputeni uBaloyi othole amathuba amabili okushaya amagoli kodwa wakha amabhiliidi.

Ngasekupheleni komdlalo amaqembu acisho athola amagoli womabili kodwa baphika onozinti. UNgcobo uvimbe ibhola sekuvalwe amehlo ngomzuzu ka-90, sebelibalile abeVenda.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.