UTHUTHUVA: IBarcelona, Real Madrid neJuventus balengelwa yizembe kwiChampions League

URonaldo
UDABA: Lindani Shange
ISITHOMBE: Twitter

Inhlangano eyemngamele ibhola e-Europe, i-Union of European Football Associations (UEFA)  seyiqale amalungiselelo okujezisa iBarcelona, iReal Madrid neJuventus ngokuba nesandla ekusungulweni kwe-European Super League. Le ligi ebizohlanganisa amaqembu amakhulu ase-Europe igcine ingaphumelelanga kulandela ukugxekwa kwayo.

Bekuthiwa izobulala ibhola njengoba amaqembu adlala kuyo abengeke adliwe yizembe noma ngabe aqede esemsileni kwelogi. Lamaqembu womathuthu yiwona kuphela kwangu-12 ayesevumile ukungena kulo mqhudelwano angakahoxisi ngokusemthethweni.

Amaqembu ayisishiyagalolunye abesesulile kulo mcintiswano, asayina isivumelwano sokuzibophezela ne-UEFA kuleli sonto. Kulamaqembu kubalwa i-Arsenal, Manchester United, Chelsea, Tottenham neLiverpool base-England.

I-UEFA ikhiphe isitatimende esithi: “Ngokulandelwa kophenyo obeluholwa abaphenyi namaqondisi bomthetho, izinyathelo zokuqondisa izigwegwe kulamaqembu amathathu seziqalile”.

Kuzokhumbuleka ukuthi i-UEFA ibivule uphenyo olubhekiswe kulamaqembu emva kokuthi ememezele ukusungula i-European Super League. Kusolwa ukuthi asatshiswe ngokumiswa emincintiswaneni emikhulu, kanti futhi kungenzeka ahlawuliswe wonke lamaqembu.

I-Real Madrid, Barcelona neJuventus, bakhombisa ukungathuswa abe-UEFA njengoba bakwazi ukubhala esabo isitatimende begcizelela ukuthi abazukuyiyeka imizamo yabo yokuqhubeka nalo mcintiswano omusha.

Njengoba isimo singashintshi, sekunezinsolo zokuthi i-UEFA izowaxosha lamaqembu emincintiswaneni yawo enjengeChampions League, isikhathi esingafika eminyakeni emibili.
Email: Editor@impempe.com | Twitter: @impempe_com | Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *