UTinkler ubona ingozi kuSuthu olulwela ukuhlala kwiTop 8

U-Eric Tinkler
Sihle Ndlovu

Umqeqeshi weCape Town All Stars, u-Eric Tinkler, ubona kuzoba nzima kakhulu ukubhekana naMaZulu FC emdlalweni weDStv Premiership eCape Town Stadium, ngoMgqibelo.

Akuselula ukuqagula imiphumela njengamanje njengoba amaqembu ePremiership elwela izinto ezehlukene. Kukhona azama ukuqeda kwiTop 8, azama ukuzibekisela indawo emidlalweni yeCAF, nalawo abalekela izembe.

“Siya ekuphetheni isizini, wonke amaqembu afuna ukuqeda kahle. Kungaba yiTop 4, Top 8 noma ufuna ukubalekela izimbe,” kusho uTinkler.

“Abanye bafuna ukugcina imisebenzi yabo futhi alikho iqiniso elidlula lelo ebholeni elikhokhelayo. Kubalulekile ukuthi sizinake thina singathembeli kumuntu.

“Kufanele siqhubeke nalokhu ebesikwenza selokhu kuqale unyaka, okuwukuzethemba nokusebenza kanzima. Ubumbano esinalo eqenjini nokuzethemba okukhona kubaluleke kakhulu.”

Emdlalweni odlule iCity ishaye iTS Galaxy ngo 2-0, kanti Usuthu lubambane neSekhukhune United ngo 0-0.

“Siyazi kuzoba umdlalo onzima ngoba AmaZulu ayiqembu elihle elinabadlali abanekhono. Kumele sizimisele kakhulu ngoba manje akusakhathalekile ukuthi udlala nobani.

Sidlale neTS Galaxy esemsileni futhi ubonile ukuthi ubunzima kanjani lowa mdlalo. Kuzoba nzima kakhulu njengoba sizobhekana naMaZulu,” kuphetha uTinkler.

ICitizens isendaweni yesibili kwilogi yePremiership kanti AmaZulu ayibambe endaweni yesikhombisa.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.