UTinkler ufuna ukwelamanisa iSwallows ngePirates ngesibhaxu

UTinkler ufuna ukwelamanisa iSwallows ngePirates ngesibhaxu
UFagrie Lakay
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

ICape Town City ivule elinye ikhasi ngesikhathi ivulela isibhaxu sika 4-0 kwiSwallows FC ngoLwesithathu – umqeqeshi u-Eric Tinkler akasafuni baphinde babheke emuva.

UTinkler uthi lamagoli abawashaye kwiSwallows awumphumela womsebenzi abebelokhu bewenza ejimini.

Amagoli abo akhombise ukuthi bayingozi uma beya phambili kanti abekuthembela kumdlali oyedwa ekutheni abatholele amagoli.

Bonke abadlali beCity abahlaselayo – oSurprise Ralani, Mduduzi Mdantsane noFagrie Lakay – basefomini enhle kulezi zinsuku.

“Ngilijabulele iqembu ngalokhi. Besilokhu sisebenza kanzima silungisa iminyako yethu yokuhlasela ukuze sikwazi ukusebenzisa amathuba.

“Sigcine siwatholile namuhla okuyinto ezosifaka ugqozi lokuqhubeka,” kusho uTinkler ngemuva komdlalo wangoLwesithathu.

“Sengethemba ukuthi lokhu sekuzobe sekukhuphula ukuzethemba eqenjini. Leyo ngxenye yomdlalo nayo ibalulekile.

FUNDA NALA: UDladla akafuni ukuvuma ukuthi iSwallows iyamkhumbula uNjabulo Ngcobo

“Abantu abaningi abakuboni lokho. Besiwudinga umphumela onjengalona ikakhulukazi njengoba sinomdlao omkhulu ne-Orlando Pirates ngempelasonto.

ICity izogadulisana nePirates eCape Town Stadium ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama.

IPirates yona izoya kulo mdlalo ifuna ukuvuka izithintithe ngemuva kokuqinjwa phansi yiMamelodi Sundowns ngempelasonto edlule.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.