UTinkler ujabulela ukungalidedeli igoli emdlalweni weDStv Premiership

UKhanyisa Mayo weCape Town City
Sihle Ngubo

Ujabulela ukuthi abazange balidedele igoli umqeqeshi weCape Town City, u-Eric Tinkler, ngesikhathi bebambana neMaritzburg United ngo 0-0 emdlalweni weDStv Premiership, e-Athlone Stadium, ngoLwesibili.

ICitizens beyiqala ukuthola iphuzu kule sizini njengoba kwemithathu ngaphambi kwalona ibithole induku. Ivule ngokushaywa yiMamelodi Sundowns ngo 2-0, yase ilandeliswa yiSwallows FC eyithele othulini ngo 3-2. Kuthe kusabhekwe lokho yashaywa AmaZulu FC ngo 2-1.

“Nakanjani ukungalidedeli igoli yinto ebalulekile kithina namuhla. Iyona into ebisikhathaza kakhulu,” kusho uTinkler ngemuva komdlalo.

“Kuyo yonke imidlalo esiyidlalile yithina ebesisuke siphethe umdlalo futhi yithina esakha amathuba amaningi okushaya amagoli. Nanamuhla ubungekho umehluko ngaphandle kokuthi asikwazanga ukuqabulisa ibhola inethi.

“Njengoba ngishilo sikwazile ukungangenelwa yigoli kanti lokho bekubaluleke kakhulu kithina. Nakanjani ukushaywa imidlalo emithathu kulandelana abadlali kuthe ukubahlukumeza ngokomqondo. Sizolithatha iphuzu…ngicabanga ukuthi sakhe amathuba angcono kunabo emdlalweni bebesihlupha kuma-free kick namakhona kuphela.”

Ukukhuluma kanje kukaTinkler ngeke kugxekwe uma kubhekwa ukuthi ngesizini edlule bebengawadedeli kalula amagoli. Unozinti wabo uHugo Marques, osanda kuphindela e-Angola, uze waqokwa njengoshaye into ecokeme ngesizini edlule ngenxa yakho ukungangenelwa amagoli kalula.

“Izinto zizoshintsha ngoba asidlali ibhola elibi sidlala ibhola elihle kakhulu. Kumele siqhubebe nokukholelwa kithina singakulaleli okuqhamuka ngaphandle.

“Ngesinye isikhathi izinto azikuvumi nje ukukhuluma iqiniso. Uma ucinelela izinto kuba lukhuni kakhulu kunakuqala. UThami Mkhize, ukwenza isibonelo, uyawaqedela amathuba afana naleli alitholile. Ubeka umoya phansi angatatazeli…ngokujwayelekile uma izinto zihamba kahle ubezozinika izikhathi alibeke phakathi.”

Abadlali abafana noKhanyisa Mayo, uDarwin Gonzalez Mendoza noMduduzi Mdantsane bawatholile amathuba okushaya amagoli kodwa bangawasebenzisa ngendlela efanele. UMayo kuzomele aqhubeke nefomu yakhe njengoba esewashayile amagoli amabili emidlalweni emine.

ICitizens kuzomele izame ukuqala iwine njengoba isazodlala nemidlalo yeCAF Champions League. Asikho isikhathi sokugeja bese ujabulele ukuthi awulidedelanga igoli kulo mqhudelwano.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *