UTinkler uncoma ‘umshini wamagoli’ wakhe omusha kwiCity

UTinkler uncoma 'umshini wamagoli' wakhe omusha kwiCity
U-Eric Tinkler noMogamat May
OkaDonga Gumbi

Ushaye amagoli angi-12 emidlalweni eyisishiyagalolunye kwiHanover Park uMogamay May futhi akumthathanga isikhathi ukuzakhela ugazi kubaqeqeshi beCape Town City ngesikhathi ezozama inhlanhla kuyo.

Empeleni nje lo mgadli oneminyaka engu-23 ushaye into ecokeme washiya u-Eric Tinkler engawuvali umlomo, wagxuma ngokushesha wamsayina.

“Sisayine umgadli omusha. Igama lakhe nguMogamat May,” kusho uTinkler ngesikhathi leli qembu laseKapa le thula lo mgadli walo omusha ngoLwesithathu ekuseni. 

“Usemncane, uneminyaka engu-23 nje kuphela. Ubedlala kwiHanover Park futhi ubenza izimanga njengoba eshaye amagoli angu-12 emidlalweni eyisishiyagalolunye.

“Lokho kwenza kucace ukuthi akalibheki ipali. Uze kithi sizombheka wafike wena yona kanye lent abeyenza kwiHanover Park, eshaya amagoli uejimini nasemidlalweni yobungani.

FUNDA NALA: Usezoyodlala phesheya owagajwa yiChiefs

“Lokho kusenze saba nokumthanda futhi akuyona into ebesingaze siyicabange kaningi ukumsayina. Uyalazi ipali uma ngikhuluma ngalokhu engisakubonile nengikholwa ukuthi uyikho.

“Unejubane namandla. Ngicabanga ukuthi uzoba wusizo olukhulu kithi,” kusho lo mqeqeshi oseke wapheka ne-Orlando Pirates phambilini.

UMay uzobanga indawo nomunye umgadli omusha kwiCitizens uDarwin Gonzalez waseVenezuela owethulwe ngoLwesibili yileli qembu.

Basayinwa nje laba bagadli iCity ihanjelwe uFagrie Lakay emdayisele iPyramids SC yase-Egypt ngoMsombuluko.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.