UTinkler usebheke ukuvuka ngeSwallows abajabhiswe nayo ngeledlule

UTinkler usebheke ukuvuka ngeSwallows abajabhiswe nayo ngeledlule
U-Eric Tinkler
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Cishe into ezobe ibhekwe kakhulu uma sekubhekene iSwallows FC neCape Town City emdlalweni weDStv Premiership ukuthi azozinikea kangakanani lamaqembu.

Lo mdlalo wawo uzoba ngoLwesihlanu ntambama kanti kuzobe sekuthi ngoLwesibili aphinde agadulisane emdlalweni weMTN 8.

Okunye okubalulekayo ngalamaqembu wukuthi azobhekana je abuya esibhaxwini esinzima,

ISwallows iboliswe yiSuperSport United ngo 3-0 kwathi iCity yona bajikelwa omkhaya bayo iStellenbosch FC nayo ibashaye ngo 3-0 ngempelasonto edlule.

“Sinomdlalo weligi neSwallows (ngoLwesihlanu) bese kuthi ezinsukwini ezine ukusuka lapho sidlale nabo kwiMTN 8.

“Kodwa lo mdlalo weligi yiwona njengamanje obalulekile,” kusho umqeqeshi weCity u-Eric Tinkler.

“Sifuna ukuvuka siyibambe ngemuva kokushaywa yiStellenbosch. Asidlalanga neze kahle ikakhulukazi indlela esinngenelwe ngayo amagoli.

FUNDA NALA: UBenni uthemba ukuthi Usuthu selungenile egiyeni alifisayo

Sesibheke ukulungisa amaphutha. Siyazama ukubuyisa umoya wokuzethemba eqenjini ngokuthi sigxile ezintweni ezinhle esesizenzile kule sizini.

“Kumele senze kahle kwiSwallows. Kuzoba wumdlalo nzima wasekuhambeni. Basanda kushintsha nomqeqeshi .

“Lokho kwenze ukuba ukuzilungiselela kube nzima ngoba asazi umqeqeshi obambile uzoza naluphi ushintsho.

“Esikufunayo thina wukubuyela emgqigqweni wethu wokuwina kanti njengamanje iSwallows iyona eme endleleni yethu.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *