UTinkler usesophe ukuvuka ngeChiefs njengoba izinto zimbhimbela nje

UTinkler usesophe ukuvuka ngeChiefs njengoba izinto zimbhimbela nje
U-Eric Tinkler
Sihle Ndlovu

U-Eric Tinkler, ezingamhambeli kahle izinto kwiCape Town City kulezi zinsuku, akungabazeki ukuthi uzofuna iqembu lakhe livuke ngeKaizer Chiefs.

La maqembu azotholana phezulu emdlalweni weDStv Premiership, eCape Town Stadium, ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.

Empeleni womabili amaqembu aya kulo mdlalo ezikhotha amanxeba ngemuva kokukhishwa kwiNedbank Cup Last 32 ngempelasonto.

ICitizens ishaywe yiRoyal AM ngo 2-1 kwathi iChiefs yakhahlelelwa ngaphandle kweNedbank Cup kulandela ukushaywa yiTS Galaxy ngo 1-0.

UTinkler uya emdlalweni wangoLwesibili engajabulile ngendlela abalahlekelwa ngayo yimidlalo, futhi akakufihli lokho.

“Kuyaphoxa kakhulu. Emidlalweni emibili edlule ngiyabazwela kakhulu abadlali bami,” kusho uTinkler.

“Bebengafanelwe ukushaywa emdlalweni weSuperSport (United) noma lo (weRoyal AM). Kodwake yindlela eliyiyona ibhola lethu kuleli njengamanje.

FUNDA NALA: UDolly usejahile ukuhubhana neCity ukuze adlulise ubuhlungu benduku yeGalaxy

“Izinga alilihle neze ngokubona kwami, lidinga ukuba ngcono. Manje kumele sibheke umdlalo wethu neChiefs ngoLwesibili, sizame ukufike sidlale kahle.

“Kodwa siyazi ukuthi akukhona konke okusezandleni zethu. Siyazama ukugxila kithina sisebenze kodwa kunzima kakhulu uma ubuka ukuthi kwenzekani.”

Emdlalweni weligi odlule iCitizens ishaywe yiSuperSport ngo 3-2 ngoDisemba 22.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.