UTinkler, uShalulile noDolly bathole imiklomelo yeDStv Premiership

U-Eric Tinkler
Sihle Ndlovu

Umqeqeshi weCape Town City FC, u-Eric Tinkler, ukhethwe njengobashaye emakhanda bonke ngo-Ephreli emidlalweni yeDStv Premiership.

UTinkler uthola umklomelo iDStv Premiship Coach of the Month nje, yingoba iCitizens iqede u-Ephreli ingayazi induku. Leli qembu laseKapa liwine imidlalo emithathu lase lidlala ngokulingana kwemibili.

Lokhu kwenze ukuthi iqembu linyuke endaweni yesibili kwilogi yePremiership, nokulinika ithuba lokuzibekisela indawo kwiCAF Champions League okokuqala emlandweni walo.

ICitizens iqale inyanga ngokubhaxabula kabuhlungu iBaroka FC ngo 5-1, yabe isilandelisa ngokushaya iMaritzburg United ngo 1-0 ekuhambeni. Ukuwina kabili kulandelwe ukudlala ngokulingana namaqembu asefomini kule sizini, iRoyal AM neMamelodi Sundowns.

EzikaTinkler zivale inyanga ngokushaya iKaizer Chiefs ngo 2-1 ekuhambeni. UTinkler ushaye emakhanda abaqeqeshi beSundowns uManqoba Mngqithi noRulani Mokwena, kanjalo noJohn Maduka weRoyal AM.

UPeter Shalulile weSundowns uphinde wathola omunye umklomelo njengoba ekhale wemuka neDStv Premiership Player of the Month ngawo u-Ephreli. Lo mdlali waseNamibia ushaye amagoli ayisithupha emidlalweni emibili yeqembu lakhe.

La magoli kaShalulile kube amathathu emdlalweni ngamunye lapho bedlale khona neSwallows FC neLamontville Golden Arrows, ngokulandelana. UShalulile useshaye amagoli angu-22 kweyeligi.

UKeagan Dolly uphinde wakhala wemuka nomklomelo iDStv Premiership goal of the Month. Uzuze lo mklomelo ngenxa ye-free kick enhle ayishaye bebhekene neChippa United. Okwesibili ethola lo mklomelo kule sizini.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.