UTinkler uyakhala ngabeCity abamumincise kanzima ila i-Arrows

UTinkler uyakhala ngabeCity abamumincise kanzima ila i-Arrows
Abadlali beCape Town City
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Umdlalo uphele sekungenzeka noma yini yize iCape Town City beyike yabonakala izihubuluzela umsobho kwiGolden Arrows.

ICity beyike yahamba phambili ngo 4-0 kulo mdlalo kodwa waphela sekuminciwe njengoba kucishe kwayishubeka ekugcineni.

Nokho igcine ikwazile ukuwagcina wonke amaphuzu kulo mdlalo weDStv Premiership obuseCape Town Stadium njengoba ishaye i-Arrows ngo 4-3 nje.

Amagoli eCity ashaywe oFagrie Lakay, Thami Mkhize, Mduduzi Mdantshane ngesiwombe sokuqala, uCraig Martin washaya elesine kusanda kuqala esesibili.

Nokho i-Arrows beyisthi ayiyiqede ngasekugcineni njengoba ibuyile yashaya amathathu futhi yacishe yalithola nelokulinganisa.

Awabafana Bes’thende ashaywe oPule Mmodi, Nkosinathi Sibisi (iphenathi) noNqobeko Dlamini.

“Emizuzwini engu-45 yokuqala sidlale kahle kakhulu,” kusho umqeqeshi weCity u-Eric Tinkler ngemuva komdlalo.

“Esiwombeni sokuqala besiwuphethe umdlalo yize bebezama ukusicindezela kodwa besikwazi ukubavika.

“Besinesineke ebholeni siliphaselana kahle futhi sesekana. Sakhe nenqwaba yamathuba ngendlela yokuthi besingaya ekhefini sihamba phambili ngamagoli ayisithupha kunalawa amathathu ebesinawo.

“Ngijabule kakhulu ngendlela esidlale ngayo esiwombeni sokuqala. Ngibatshelile ngekhefu ukuthi basazoqhubeka nokusicindezela.

“Ngithe kumele siqinisekise ukuthi asibaphi ibhola kalula ikakhulukazi emuva. Besifuna ukungangenelwa goli.

“Sisiqale kahle neziwombe sesibili, sabahlasela ngokubazuma qede salithola igoli lesine.

“Ngemuva kwalokho izinto zivele zabheda kakhulu. Mhlawumbe ukuphuma kukaThami Mkhize obeselimele yikho okusivuzise kakhulu.

FUNDA NALA: UMiddendorp akachazekile ngendlela iMaritzburg edlala ngayo

“Womathathu amagoli abo aqhume ngasophikweni lwesikudla. Sigcine sesizifake kwenkulu ingcindezi emizuzwini engu-15 yokugcina.

“Kudingeke silwe kanzima ukugcina siwine ngo 4-3. Okubalulekile ngomdlalo wanamuhla wukuthi siwinile.

“Ukungangenelwa goli bekungaba kuhle kodwa okubaluleke kakhulu bekuwukuwina njengoba sizodlala umdlalo wamanqamu nje,” kusho uTinkler.

ICity izobhekana neMamelodi Sundowns emdlalweni wamanqamu kwiMTN 8 ngoMgqibelo ozayo eMoses Mabhida Stadium eThekwini.

Kulindeleke ukuthi kuvunyelwe isibalo esithile sabalandeli kulo mdlalo njengoba iPSL izobe ihlola ukuthi ingababuyisela kanjani abalandeli ezinkundleni.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.