UTinkler uzibona yena ngezikhathi zakhe kumdlali omusha weCity

UTinkler uzoboya yena ngezikhathi zakhe kumdlali omusha weCity
UBrice Ambina
Sihle Ndlovu

Umqeqeshi weCape Town City, u-Eric Tinkler, uthi bathole injini yomdlali kuBrice Ambina waseCameroon osanda kusayina kwiCitizens.

ICity imethule ngokusemthethweni ngoLwesibili u-Ambina oneminyaka engu-20, kanti uTinkler ubona behlabene kakhulu kulo mdlali.

“Singakuqinisekisa ukuthi sisayinise uBrice Ambina oneminyaka engu-20 nje kuphela. Ungumdlali wamaphakathi esiswini kanti uvela eCameroon,” kusho uTinkler.

“Usedlalele iqembu lesizwe lika-Under 20 laseCameroon. Udlala lapho ngangidlala khona kudala (ehleka), futhi ngicabanga ukuthi ungumdlali onekhono elikhulu.

“Ngicabanga ukuthi ukufika kwakhe eqenjini lethu kuzoba wusizo olukhulu. Siyajabula kakhulu ukuba naye, indlela avala ngayo namaka ngayo yinhle kakhulu.

“Ukhombisa ukuba nomdlandla kakhulu uma ezama ukuthola ibhola. Noma eseliphethe ibhola likuyena, uyakhululeka kakhulu, akatatazeli.”

Ukufika kwalo mdlali sekuziqinisile izinsolo zokuthi iCitizens ingase imdede uThabo Nodada osekunesikhathi emataniswa namaqembu aseGauteng.

FUNDA NALA: UMotale uthi iSundowns ayikasiwini isicoco seligi yize inegebe elikhulu

Impempe ike yabika ukuthi uNodada ubhekwe kakhulu kwi-Orlando Pirates neKaizer Chiefs kanti enMamelodi Sundowns kungenzeka iqhamuke kwamfunayo.

ICity ingelinye lamaqembu abematasa esayinisa abadlali ngesikhathi kuvuleke iwindi lokusayinisa abadlali elivalwe ekupheleni kukaJanuwari.

Kuzocaca uma sekubuya imidlalo yeDStv Premiership ngesonto elizayo ukuthi yimuphi umehluko okhona kwiCitizens.

Izobhekana neKaizer Chiefs koweligi eCape Town Stadium ngoFebhuwari 15. Kodwa ngaphambi kwalokho iCitizens izotholana phezulu neRoyal AM emdlalweni weNedbank Cup eChatsworth Stadium ngeSonto.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.