UTovey ubalisa ngabalandeli kowePirates neChiefs

UTovey Neil
Sihle Ndlovu

‘Umdlalo womkhaya awufani ngaphandle kwabalandeli enkundleni.’

Lokhu kushiwo owayeyisiqongqwane seKaizer Chiefs, uNeil Tovey, ngaphambi komdlalo omkhulu womkhaya phakathi kwe-Orlando Pirates naMakhosi eFNB Stadium, ngoMgqibelo, ngo-3.30 ntambama.

“Ukungabi khona kwabalandeli kuyinto engasiza, ibuye ingasizi kubadlali. Kungasiza ngokuthi ayikho ingcindezi enkulu abayithola kubalandeli,” kusho uTovey.

“Nokho abanye abadlali benza kahle uma begqugquzelwa abalandeli enkundleni. Ekugcineni ngeke sikubalekele ukuthi ngaphandle kwabalandeli umdlalo womkhaya awufani nhlobo.”

Emdlalweni wokugcina odlalwe yila maqembu kuwine iChiefs ngo 2-1. UTovey wethemba ukuthi nakulokhu azoqhamuka, amagoli umdlalo ungapheli ngo 0-0.

“Umdlalo womkhaya uhluke kakhulu kodwa ngiyathemba ukuthi sizobona amagoli njengoba kwenzekile emdlalweni wala aqembu odlule,” kubeka uTovey.

“La maqembu alwela ukuqeda endaweni yesibili kwilogi ngakho lo mdlalo usho lukhulu kuwona mayelana nalokho.”

IPirates idlala kwiCAF Confederation Cup, kanti yenza kahle kakhulu. Nokho uTovey akaboni lokho kungaba nomthelela kowomkhaya.

“Indaba yokuthi yiliphi iqembu elenza kahle ayingeni emdlalweni womkhaya. Iqembu elifika lenze kahle ngalolo suku yilona eliwinayo. Asethembe nje amagoli azoqhamuka,” kugcizelela uTovey.

Le nkakha isike yaqeqesha iMamelodi Sundowns phambilini, ibambisene noMiguel Gamondi. Ivumile ukuthi Abafana Ba-Style sebesithathile isicoco seligi sika-2021/2022.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.