UTovey uthi ibambe ngakho ngoBroos weBafana ongafihli lutho

UTovey uthi ibambe ngakho ngoBroos weBafana ongafihli lutho
UNeil Tovey nedebe abayiwina ngo-1996
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Owayengukaputeni weBafana Bafana uNeil “Mkhukhu” Tovey, uthi akayiboni nencane inkinga ekutheni umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos angabi nasifuba.

“Unelungelo lokusho izinto njengoba zinjalo ngoba yindlela ayiyona,” kusho uTovey.

Le nkakha iyona eyaphakamisa i-Africa Cup of Nations (Afcon) neBafana ngo-1996 kuleli.

Abaningi basikhumbula kahle isithombe uTovey ephakamisa indebe ye-Afcon, eme eduze kowayengumengameli wezwe ngaleso sikhathi, uNelson Mandela.

Ukhuluma kanjena nje uTovey sekusuke ukukhuluma ngokuthi kuyaziphumela nje kuBroos, akanayo imfihlo ngokwenzeka ekhempini yeqembu lesizwe.

Nokho uTovey uneme kakhulu ngendlela izinto ezenzeka ngayo kwiBafana selokhu iqalile ukudlala imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2022, ezodlalelwa eQatar.

“Ngiyazi ukuthi liselide ibanga elizohanjwa kule midlalo yokuhlunga. Kodwa kimina ukhiye usekutheni siwine uma sesibhekene ne-Ethiopia ekhaya.

“Bese siphinde senze okufanayo uma sesamukela iZimbabwe. Leyo midlalo izosenza sibe namaphuzu angu-13 azosinika ithuba elihle lokuwina iqoqo lethu.

“Kodwa akumele sikufake ekhanda ukuthi sishaye i-Ethiopia ngo 3-1 ekuhambeni. Kumele sizimisele sidlale, siwine.”

IBafana iqhubekile nokuhlala eqhulwini ngemuva kokushayela ekhaya i-Ethiopia ngo 3-1 ngoMgqibelo.

Ngaphambi kwalokho ishaye iGhana ngo 1-0 ekhaya, kanti emdlalweni wokuqala idlale ngokulingana ngo 0-0 neZimbabwe.

FUNDA NALA: UDe Reuck ujabule ngokubuya kwabalandeli emdlalweni weBafana

EzikaBroos zizobhekana ne-Ethiopia emdlalweni wokuhlunga eFNB Stadium ngoLwesibili ngo-6 ntambama.

Kulo mdlalo abalandeli abagomile bazovunyelwa ukuya enkundleni okokuqala ngemuva kwesikhathi eside, ngenxa yeCovid-19.

“Siwinile ekhaya sibhekene neGhana, manje sekumele senze okufanayo sibhekene ne-Ethiopia.

“Engikuthandayo ngoBroos ukuthi bonke abadlali banethuba lokuqokelwa kwiBafana ngoba imidlalo uyayihambela.

“Ngicabanga ukuthi iqembu lilonke liyazi ukuthi yini edingekayo ukuze lizibekisele indawo kwiNdebe yoMhlaba, okuyinto ekade yagcina ukwenzeka,” kuphetha uTovey.

Le nkakha eke yadlelela iKaizer Chiefs, AmaZulu FC neDurban City, yazi kahle ngokuzibekisela indawo emiqhudelwaneni emikhulu neqembu lesizwe.

UMkhukhu, oneminyaka engu-59, udlale imidlalo engu-52 eqenjini lesizwe egqoka ibhande likakaputeni kweminingi yayo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.