UTruter akanandaba nemibono yabanye, uthi iSwallows iyibambe ngakho

UTruter akanandaba nemibono yabanye, uthi iSwallows iyibambe ngakho
UBrandon Truter
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi weSwallows FC uBrandon Truter usekhethe ukukuziba okuzoshiwo ngabantu abangaphandle ngeqembu lakhe eliphinde ladlala ngokulingana.

ISwallows ipaquzisane neChippa United bagcina bebambene ngo 0-0 eSisa Dukashe Stadium emdlalweni weDStv Premiership ngeSonto ntambama.

Bese kungokwesibili kulandelana leli qembu lidlala ngokulingana kanti yize lithole iphuzu lasekuhambeni, kodwa lisahleli endaweni embi kwilogi.

“Lo mphumela uyigxathu elibheke phambili kithi, asinandaba ukuthi abanye abantu abangaphandle bathini.

“Iphuzu esilithole ekuhambeni, sibhekene nomqeqeshi oseke wawina iligi phambilini,” kusho uTruter ngemuva komdlalo.

Uthe yize umdlalo webunzima kodwa ukholwa wukuthi yibo abakhe amathuba amahle okushaya amagoli.

“Ngicabanga ukuthi sibe namathuba angcono uma ubheka ngokomdlalo, kodwa akulula ukuthola noma yimuphi umphumela uma udlala neqembu elifana naleli.

FUNDA NALA: UParker ube yiqhawe iChiefs iguqisa iSuperSport

“Bebesicindezela bengasiniki ithuba lokuthi sikhululeke sidlale. Sizamile ukumelana nalokho kanti sizamile ngesiwombe sesibili.

“IChippa iyalwa futhi iyazinikela. Ilwela lonke ibhola. Ngiyazi umphumela wabo odlule mhlambe usho okunye kodwa bayalwa labantu,” kusho uTruter.

UTruter ubeyibambe emdlalweni wakhe wesibili kusukela ebuya ekumisweni yiqembu ngenxa yokugqza kwemiphumela.

“Into enkulu wukuthi asingenelwanga goli namuhla. Uzokhumbula sike sangenelwa amagoli ayisikhombisa emidlalweni emibili.

“Ngakho besifuna ukuthi singangenelwa goli. Sengethemba ukuthi sizoyibamba kanjalo. Basebenzile abafana isimo singelula.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.