UTruter ubize uKerr ngombombayi womqeqeshi oshibhile

UTruter ubize uKerr ngombombayi womqeqeshi oshibhile
UBrandon Truter
OkaDonga Gumbi

Umqeqeshi waMaZulu FC ubengazwile njengoba ebebhodla konke okwamphatha kabi ngesikhathi eqeqesha iSwallows FC ngemuva kokuyishaya kuleli sonto.

Ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo, uTruter uveze indlela engeyinhle akhishwa ngayo kuleli qembu alinyusela kwiDStv Premiership.

Uphinde waveza nokuthi wayelindele ukuthi umqeqeshi ozongena ngemuva kwakhe uzokwenza kangcono ikakhulukazi njengoba engowaphesheya kwezilwandle.

Kuvamise ukuthi kube ngabalandeli nabahlaziyi ababiza abaqeqeshi baphesheya ngombombayi noma ‘o-plumber’ abasuke bezozizamela inhlanhla nje e-Afrika ngokuqeqesha.

Kodwa uTruter naye ukushilo lokhu ebiza uDylan Kerr weSwallows ngombombayi oshibhile waphesheya.

“KuMaZulu nginokwesekwa okuhle ngabaphathi, kusuka kusihlalo kuya kozakwethu ethimbeni labaqeqeshi, kuya kugada ijezi…

“Uma ngikhuluma iqiniso nje, angizange ngesekwe kanjalo kwiSwallows,” kusho lo mqeqeshi owake wamiswa inyanga yonke kwiSwallows kungachazwa ukuthi umiselweni.

“Ukwesekwa kwami kuMaZulu sekwenze nabadlali bavuka njengoba nemiphumela izibonakalisa nje.

Umqeqeshi weSwallows uDylan Kerr ubenemidlalo engu-19 ukujika izinto futhi ukuba ukungumqeqeshi okhaliliphile ngabe kwenzekile lokho.

FUNDA NALA: UMngithi uveza imfihlo yokubambisana kwabadlali kwiSundowns

“Ungumqeqeshi wokufika kuleli, kumele ngabe ungcono kunabaqeqeshi bakuleli, kusho ukuthini lokhu ngabaqeqeshi bakuleli.

“Mina lokhu kungitshela ukuthi kumele ngabe sinika abaqeqeshi bakuleli ithuba hhayi labo mbombayi bokufika abashibhile.”

Isikhulu seSwallows uSipho Xulu uthe yena ngeke ayingene eyalaba baqeqeshi ngoba akazi noma babanga intombi yini.

Usihlalo weSwallows uDavid Mogashoa yena uthe ngeke aphikisane nengulube odakeni qede wasabisa ngokuthi uzobhekana noTruter ngasese ngalezi zinto azishoyo ngeqembu lakhe.

Nokho kuthe ngoLwesihlanu wabe eselivala ikhasi lakhe lakwiTwitter la abedelela khona, esabisa noThabiso Mosia weMetro FM ngokuthi usazobhekana naye.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.