UTruter uthi bebefuna ukuvika isibhaxu bebambana neStellies

UTruter uthi bebefuna ukuvika isibhaxu bebambana neStellies
UBrandon Truter
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi weSwallows FC uBrandon Truter uthi kumele babheke okuhle kuphela abazoqhubeka nakho ngemuva kokubambana neStellenbosch ngo 1-1 ngeSonto.

UTrutter ubehleli ebhentshini okokuqala kulandela ukubuya kwakhe ekhefini ayenikwe lona ngoba imiphumela ingemihle.

Uthi lo mdlalo bebazi uzosinda ngakho bebebheke ukuzama ukulungisa amaphutha abo bengajahile okuningi kakhulu.

“Besiwafuna amaphuzu amathathu ngoba vele yiyona yinto ehlezi ibalilekile leyo.

“Kodwa besinakho okwethu okungale kwalokho ebesifuna ukukuzuza kulo mdlalo,” kusho uTruter.

“Kumele ubheke iqembu ebesidlala nalo, alikehlulwa bese ubheka ifomu yethu nendlela esingenelwa amagoli ngayo.

“Besizibekele ukuthi sizame ukuvimba kakhulu emuva singangenelwa goli bese silishaya ngale.

“Asikwazanga ke ukuvimba ukuthi singangenelwayigoli, kodwa silishayile igoli kanti okuhle kakhulu wukuthi silakhile alibanga yinhlanhla nje.

“Sibe nazo izikhawu ezinhle kodwa kwaba khona nala besingenza kangcono khona….

“Abazange basixake ngoba umsebenzi awenzile uJody (February) wukulilanda enethini kuphela.

“Kuningi okuhle esikucoshile lapha, yiphuzu leli esilitholile okufanele silijabulele.”

UTruter usebenzise abafana abasebancane kulo mdlalo njengoba eseswini ubeyidova ngoGrant Margerman noGivemore Khupe.

Badlale kahle kakhulu kanti uthi lokhu kuyizinkomba ezinhle zokuthi iqembu lisazokwazi ukubamba umgqigqo isikhathi eside uma selihlangene kahle.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.