UTruter uveza okwenze bamshaya ngesithende uLebese kwiSwallows

UTruter uveza okwenze bamshaya ngesithende uLebese kwiSwallows
UGeorge Lebese
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi weSwallows FC, uBrandon Truter uyichithile imibiko yokuthi kwaba wukungavumelani ngezimali nemihlomulo okwabaxabanisa noGeorge Lebese.

Lo mdlali owaduma esayibamba kwiKaizer Chiefs eminyakeni embalwa edlule uke waziqeqesha neDube Birds ngetehmba lokuthi uzosayinwa.

Kuthe kuthe ekuqaleni kwesonto elidlule washiya phansi. Wenza esifanayo nakwiSekhukhune United ake wazicija nayo. Nokho uTruter uthi ubengamsayina ukube isimo besimvumela.

“ULebese, umdlali wangempela lowo,” kuncoma uTruter ebuzwa ngalo mdlali. Usezingeni eliphezulu impela. Ngebhadi – ngeke ngithi asivumelananga ngezimali njengoba yena asho kwabezindaba.

“Asizange sifike esigabeni la sasixoxisana khona , kumele ngilubeke nje libe msulwa iqiniso ngalokho,” kuchaza uTruter. “UGeorge ungumdlali omuhle impela, lokho akungabazeki nakancane.

“Kodwa ke besifuna ukuthola abadlali abanazo zonke izinto esizidingayo ezindaweni ezifanele. Ngebhadi lakhe uGeorge, indlela yakhe yokudlala ayihambisananga nesikwenzayo kwiSwallows.

“Bekumele sibheke okudingwa yiqembu kuqala ngaphambi kokwenza izinqumo,” kuqhuba uTruter. ULebese wayeyinsika kwiChiefs kodwa wayishiya waya kwiMamelodi Sundowns.

Izinto azimlungelanga njengoba ijezi wayelizwa ngendaba. Nokho wanikwa ithuba yiqembu lase-USA iSwitchbacks. Kuphoqeleke ukuthi alishiye leli qembu ngesizini edlule.

Lokhu bekungenxa yokuthi akakwazanga ukubuyela e-USA ngesikhathi ngenxa yokuvalwa kwezinhlelo zezokuhambela amazwe kulandela ukuqina kweCovid-19 kuleli.

Ube esesayinwa yiTshakhuma Tsha Madzivhandila ngesizini eldule kodwa yasheshe yamchitha. Ube esezama kwiSekhukhune kodwa nakhona bamphika.

FUNDA NALA: U-Ekstein useqalile ukujima naMaZulu, iSwallows isimtholile uThibedi

“Noma ngabe yiliphi ilanga uGeorge ngingamsayina eqenjini lami,” kusho uTruter. “Ungaba ngumdlali osezingeni eliphezulu (njengoLebese) kodwa uma kuzodingeka kuguqulwe indlela iqembu elidlala ngayo ukuze kudlale wena, mina ngincamela ukukuyeka.

“Sinendlela yokudlala kwiSwallows esifuna ukuyigcina ibe yisiko leqembu. Kuleyo ndlela kunezinto esingeke size sicabange ngsiho ukucabanga nje ukuzijika.

“Ngebhadi ke, uGeorge wakhahleleka kanjalo ke. Ngimfisela okuhle kodwa. Ungumuntu onomuya omuhle, futhi nebhola likhona kuye. Ngebhadi nje kwiSwallows ufike ngesikhathi esingafanele.”

EMAIL: Editor@impempe.com TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.