UTruter uveze ukuthi wamvimba kanjani obefunwa yiChiefs kwiSwallows

UTruter uveze ukuthi wamvimba kanjani obefunwa yiChiefs kwiSwallows
UBrandon Truter noPostnet Omony weRoyal AM
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi weSwallows FC uBrandon Truter wasebenzisa amaqhinga ongawalindela kuchakijane ukuvimab umgadli wakhe uRuzaigh Gamildien ukuba angayi kwiKaizer Chiefs.

UGamildien ubengomunye wabadlali abebebhakuzisa inethi kalula ngesizini edlule okwenza wagcina esehalelwa yiChiefs eyayimnunusela ngempilo emnandi yaseNaturena.

Nokho ugcine engasayanga kwiChiefs kanti ngoLwesithathu uTruter ukuvezile okwenze ahlale kwiDube Birds.

“Bheka, ngibe nesandla ngandlela thile ekutheni lezo zingxoxo zishabalale, uma singabeka kanjalo. Ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi iChiefs iyamfuna, kwamthikameza.

“Uma ngikhumbula kahle lezo zindaba zavela ngeviki akathola ngalo ikhadi elibomvu sekuzophela isizini sibhekene neChippa (United)…

“Ubenenkontileka neSwallows ngaleso sikhathi kodwa iChiefs beyimnunusela ngemali engcono,” kuchaza uTruter.

“Kwadingeka ngingenelele. Ngamhlaisa phansi ngamtshela ukuthi usemdala njengoba eneminyaka engu-32 ezoba na-33 nje maduze.

“Ngathi udinga uzinzo empilweni yakhe hhayi ukwehla enyuka. Udinga ukuthola indawo azohlala kuyo isikhathi eside.

“Ngenhlanhla usihlalo wamelulela inkontileka, wamnika eyesikhathi eside abesifuna waphinde wenyusa neholo lalingana naleli iChiefs ebimdoba ngalo.

“Ujabule futhi namagoli aseqalile ukuvela kuye sesethemba ukuthi ayeza maningi njengoba kuqala isizini nje,” kusho uTruter.

UGamildien ushaye amagoli amabili amahle ngesikhathi bekhipha i-Orlando Pirates kwiMTN8 ngempelasonto edlule.

UTruter ujabuke kakhulu kwazise uthe nokwengeza kubagadli ngokusayina uMwape Musond a ukwehlisa umthwalo emahlombe kaGamildien.

“Iningi lamagoli ethu ngesizini edlule ahsyawe nguGamildien, kodwa noKagiso Malinga ubelwashaya lapha nalapha.

“Manje sesisayine uMUsonda. Uzoncintisana noGamildien noMalinga bebanga indawo yokuqala imidlalo phambili.

Ünesipiliyoni esihle njengoba ake waba ngumgadli ohamba phambili ngamagoli kulel ligi. Lokho kwenyusa ukuncintisana eqenjini.

“Kuzokwenza ukuthi laba badlali abaseqenjini eliqala imidlalo bahlale beqinisekisa ukuthi bena kahle ngoba kukhona abacuthele izindawo zabo.

“Uma uGamildien engawenzi kahle umsebenzi wakhe, ukhona uMusonda siyovele sifake yena,” kusho lo mqeqeshi ohlale ezimoyizelela.

FUNDA NALA: UTshabalala ukhombise ukungabi nandaba esola abadlai beCeltic ngokumchutha

Uthe kungenzeka abonakale okokuqala kuleli qembu uMusonda ngeSonto ntambama uma sebeqala umkhankaso wabo kwiDStv Premiership.

ISwallows izovua ngeqembu elisha kulesi sigaba iRoyal AM eDobsonville Stadium ngo-3 ntambama emdlalweni uTruter athe uzoshuba.

“Akakafiki ezingeni esilifunayo kodwa sesizamile ukumbeka esimweni la esengakwazi ukudlala. Sethemba ukuthi uza nokungcono.

“Sizobona ngale mpelasonto ukuthi usekulungele yini ukudlala. Kodwa yena akakfiki kuleli zinga esilifunayo,” kucacisa uTruter.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.