UTruter uzoyakha kabusha iSwallows ezoshiywa ngabadlali abamqoka

Kgaugelo Sekgota of Swallows FC
UKgaugelo Sekgota
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Kusale kancane abaqagule ngamagama abadlali abazoshiya kwiSwallows njengoba kuphela isizini umqeqeshi waleli qembu, uBrandon Truter. Ukuvumile ukuthi kunabadlali abayisithupha abebeyinsika yeqembu lakhe kule sizini abazohamba.

Kuvele kunamahebezi athi oRuzaigh Gamildien, Kgaugelo Sekgota, Njabulo Ngcobo, Sifiso Hlanti noGiven Thibedi bazojoyina iChiefs ngesizini ezayo. UNgcobo kungenzeka nokho aye kwiMamelodi Sundowns kanti ne-Orlando Pirates iyamhalela uSekgota.

UTruter ukuvezile ukuthi kunabadlali abazohamba ngakho kuzomele alibumbe kabusha futhi iqembu. “Beyinzima kakhulu,” kusho uTruter ngale sizini. “Kwenziwe amaphutha. Sibe nezikhathi ezinhle, nezikhathi ezimbi.

“Kodwa okubalulekile wukuthi sidlulile kukho konke. Ngijabule ngendlela abadlali abazinikele ngayo. Sifunde lukhulu kule sizini yethu yokuqala kwiDStv Premiership.

“Sifundile singabaqeqeshi kanti nabadlali abancane abanikwe ithuba bafundile. Saqala kahle sindiza, kodwa kuye kwaya amaqembu asibamba ukuthi siwashaya kanjani kwase kuba nzima. Abe esesebenzisa ubuthaka bethu,” kusho lo mqeqeshi oneminyaka engu-44.

“Kumele sisayine kahle, bese namaqhinga ethu siwenze abe ngcono. Emuva singenelwe amagoli amanye wawo abengafanele asidle. Uma siya phambili besiwakha amathuba kodwa kumele sikuphucule lokhu.

“Sengivele ngikulungele ukuqala amalungiselelo esizini entsha ngoba izosheshe iqale. Kuzoba nzima ngoba sizolahlekelwa abadlali abayisithupha abebeyinsika yeqembu.

“Ngakho sizoqala kabusha kodwa lokho kuyangichaza mina ngoba kuyinselelo. Ngijabule, ngizizwa ngithobekile… Ngiyaziqhenya ngabadlali nethimba labaqeqeshi,” kusho uTruter.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.