UTruter wethemba uzowunikwa umsebenzi ngokuphelele kuMaZulu

UBrandon Truter
Sihle Ndlovu

Umqeqeshi obambile kuMaZulu FC, uBrandon Truter, ukholwa wukuthi wenze okwanele esikhathini esifushane eneqembu, ukuthi limnike umsebenzi ngokuphelele.

Lo mqeqeshi usho lokhu ngemuva kokuthi Usuthu lushaywe yiLamontville Golden Arrows ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership, eMoses Mabhida Stadium, ngoLwesibili. Beliqala iqembu ukushaywa ngaphansi kwakhe.

“Uma ubheka imiphumela nendlela izinto ezihambe ngayo noma yimuphi umqeqeshi angaba nakho ukuzethemba,” kusho uTruter.

“Ukungadedeli amagoli isikhathi eside kangaka nokwenza abadlali ukuthi bajwayele isitayela sami nakho konke okunye, kuhambe kahle. Uma ngibuka konke lokho nemiphumela ngingasho ukuthi umsebenzi omuhle lowo.”

Lo mqeqeshi uthathe izintambo ngemuva kokuxoshwa kukaBenni McCarthy kanti imiphumela yakamuva iqinisekise ukuthi iqembu liqeda kwiTop 8.

“Kuyisimo sokuthi angifuni ukukhuluma ngami kakhulu. Kodwa njengomqeqeshi ngingasho ukuthi ngenze okwanele ukunikwa umsebenzi ngokuphelele ngesizini ezayo,” kusho uTruter.

“Ngingathanda ukuqhubeka futhi ngingawubamba ngezandla zombili umsebenzi uma nginikwa. Ngicabanga ukuthi ngingawenza AmaZulu  ukuthi abe yiqembu elilwela isicoco ngesizini ezayo.”

Abaphathi baMaZulu kulindeleke ukuthi bathathe isinqumo kungekudala mayelana nomqeqeshi ozohola iqembu ngesizini ezayo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.