UTshabalala akabonisanga zwelo etshela abadlali ngokudayiswa kweCeltic

UTshabalala akabonisanga zwelo etshela abadlali ngokudayiswa kweCeltic
UMax Tshabalala
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Akakhombisanga kuba nazwelo ngabadlali nokuthi izimpilo zabo zizothinteka kanjani uMax Tshabalala obengusihlalo weBloemfontein Celtic ebatshela ukuthi usedayisile.

Enkulumweni eqoshiwe esiputshuzelwe abezindaba, uTshabalala uyezwakala azisa abadlali okokuqala ukuthi iqembu liyathutha.

Izwi lakhe alizwakalisi nhlobo ukuthi uyakuqonda ukuthi lokhu kuthikameza izimpilo zabo. Futhi kwale kancane abaxoshe athi bayiqedile imali yakhe.

“Sanibonani zinsizwa. Ngeke ngibe mude, ngizohlala odabeni,” usho kanje uTshabalala ngemuva kokubizela abadlali emhlanganweni ngempelasonto.

“Senukubonile okubhalwe kwabezindaba okukhunya ngakho yonke indawo.  Kuyiqiniso. Iqembu selidayisiwe.

“Niyazi ukuthi besinezingqinamba kanti nakule sizini ngibone sisazoba nenkinga efanayo. Iqembu selidayisiwe ke, akukho okunye engingakwenza.

“Niyazi nani isimine iminyaka ngikhokhela izindleko zeqembu ngemali yami. Niyazazi izinselelo ebesinazo.

“Nani anizange nenze lutho ukwenza izinto zibe lula kimi. Isitifiketi seqembu ngisidayisele iRoyal AM.

“Iqembu seliya eThekwini, kuMaMkhize. IPSL isikuphasisile lokhu kudayiselana. Sithole amaphepha aqinisekisa lokhu ngoLwesihlanu ebusuku ngabo-9.

“Yingakho ngingakwazanga ukunazisa, bengizonazisa kusenesikhathi kodwa benisemakhaya ninikwe ikhefu lempelasonto.

“Besingeke sikwazi ukwazisa noma ngubani kuze kube iPSL iyakuphasisa lokhu kudayiselana. Ngakho ke wonke umdlali onenkontileka neqembu, leyo nkontileka seyingapohansi kweRoyal AM.

“Kulele kini ke ukuthi uma nifika kwiRoyal AM uma ufisa ungabatshela ukuthi ucela ukushiya wena uma ufisa kanjalo.

“Yonke into isikwiRoyal AM. Ngisho imiholo yenu elandelayo izophuma kuyo. Siyanicela ke namuhla, angithi kunomdllao ngeSonto…

“Kumele nihambe namuhla. Uthe (uMaMkhize) uzoletha umuntu ozonilanda anise ezindaweni zenu ezintsha la nizohlala khona.

“Usihlalo wenu lo wangale uzobe esehkangana nani. ZOnke izinkontileka enazisayina sezikuye. Umdlali obesahlolwa lapha, nalabo abangenazo izinkontileka bengahambi.

“Yilabo abanezinkontileka kuphela okumele bahambe. Yilokho esikusho kwiPSL. Ungahambi uma ungenankontileka.

“Kunjalo ke madoda, mina ngeke ngisayimela. Kungaphezu kwamandla. Lesi simo sesiphazamise impilo yami yangasese.

“Siphazamise nempilo yomndeni neyezingane zami. Ngeke ngisakhona, kungaphezu kwamandla. Iqembu lidayisiwe, asihleleni ukuthi nihamba kanjani.

FUNDA NALA: UBenni uthi akayinqeni neze iSundowns azovula ngayo isizini

“Angazi nizohamba kanjani. Labo abanezimoto, sizofaka imali egaraji ukuze nigcwalise uphethiloli. Labo abengenazo izimoto sizobazamela ibhasi elizobahambisa.

“Bacele ukuthi nifike khona lingakashoni ilanga ngoba bafuna ukuhlangana nani ngabo-6 ntambama. Kusuka manje njengoba senginitshelile nje ngalokhu, anisebona abadlali bami.

“Kukini ke ukuthi nenza njani uma nifika – kufanele kodwa nifike – uma ufuna ukushiya usho. Nikhumbule ukuthi iRoyal AM inabo abadlali bayo.

“Kodwa iPSL ibeke umbandlea wokuthi kubekwe nina phambili. Sekukuwe ke uma ufuna ukuhamba, uzobe esefaka abadlali bakhe.

“Anisebona abadlali bami, ngiyanisiza nje ngoba njengoba kungumhla ka-15 ngiyazi abanye benu bazothi abanayo imali kaphethiloli. Ngikwenza lokhu ukunibonisa uzwelo nje.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.