UTsotsobe ubhoboke ngokucwasa kukaGraeme Smith kumaProteas

UTsolekile ubhoboke ngokucwaswa nguGraame Smith kumaProteas
UThami Tsolekile
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

UGraeme Smith oyisikhulu esiphezulu seCricket South Africa (CSA) akekho msulwa neze uma kukhulunya ngokucwaswa kwabantu abamnyama kwikhilikithi yaseNeningizimu Afrika.

Lokhu kuhlaluke ngesikhathi kugonyuluka uLonwabo Tsotsobe owayengumshwibi wamaProteas ngesikhathi uSmith engukaputeni weqembu lesizwe. USmith wayehola iqembu lesizwe lekhilikithi kusukela ngo-2003 kya ku-2014.

UTsotsobe ubekhuluma ngaye ngesikhathi efakaza kwikhomishani eqhubekayo njengamanje la kukhishwa amaqiniso ngoguquko lobuhlanga kwikhilikithi yakuleli.

Uthe ngesikhathi kuneNdebe yoMhlaba e-England ngo-2012, kwalimala kanzima uMark Boucher. USmith wakhetha ukunika u-AB de Villiers amagilavu esikhundleni sikaThami Tsolekile, okunguyena owayesizana noBoucher kule ndawo. Ngokusho kukaTsotsobe, lokhu kwakuwukuvimba ukuqokwa komdlali omnyama eqenjini lesizwe.

“UTsolekile uyena okwakumele angene esikhundleni sikaBoucher kodwa gwiqiqi kwaba uDe Villiers onikwa amagilavu. Le ndawo idlalwa umuntu othile okhethekile futhi uDe Villiers akayena lowo muntu.

“Ukufaka uDe Villiers kule ndawo kwakuwukuyindlela nje yokuvimba ukuqokwa komdlali omnyama okwakunguTsolekile ngaleso sikhathi.

“Lokhu kwaqinisekiswa uSmith owakubeka kwacaca ukuthi uma kufakwa uTsolekile, yena uzovele athathe umhlalaphansi ngokushesha,” ucashunwe esho kanje uTsotsobe kwiTimesLive.

USmith uthintiwe ngehhovisi leCSA ukuthi azikhulumele mayelana nalokhu okushiwo nguTsotsobe ngaye kodwa wangaphendula. Le ngwazi yekhilikithi eneminyaka engu-40 ingomunye wokaputeni bamaProteas abahole iqembu ngempumelelo eminyakeni edlule.

FUNDA NALA: Kulindeleke aphinde alandele uBaxter uCole Alexander ajoyine iChiefs

Nokho kukhona abashaya amakhala ngokunikwa kwakhe isikhundla esibalulekile kwiCSA. Abanye basabona kuqhubeka kona ukucwaswa kwabamnyama ngoba lilokhu livela igama likaSmith uma kukhulunywa ngokucwasa kwikhilikithi yakuleli.

Ikhomishana isaqhubeka futhi kubukeka kukuningi kakhulu okusazovela. Le nto yokucwaswa kwabamnyama kwikhilikithi iqala emaqenjini akuleli asezifundazweni ezihlukene.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.