UTyson uzophinde asebenze ngokubambisana noHunt

UGavin Hunt noThulani Hlatshwayo

 

Sihle Ndlovu

Usephinde wahlangana nomqeqeshi wakhe wakudala, uThulani “Tyson” Hlatshwayo, osayine inkontileka yonyaka neSuperSport United.

UHlatshwayo uchithwe yi-Orlando Pirates ekupheleni kwesizini edlule, kanti usezosebenza noGavin Hunt osanda kubuyela kuMatsatsantsa a Pitori. Laba bobabili bake basebenza ndawonye kwiBidest Wits, phakathi kuka-2014 no-2020 lapho bewine khona isicoco seligi neTelko Knockout.

Awangabazeki amava kaHlatshwayo njengoba esedlalel imidlalo engaphezulu kuka-300 kwiligi yalapha ekhaya, waphinde waba ngukaputeni weBafana Bafana.

Umqeqeshi uHunt ujabule kakhulu ngalo mdlali omusha weqembu futhi ukholwa wukuthi ukusayiniswa kwakhe kuyinto enkulu eqenjini njengoba enamava.

“Ubengukaputeni weBafana Bafana kanjalo nokaputeni wami kwiBidvest Wits,” kusho uHunt esitatimendeni.

“Siwine izindebe ndawonye futhi ngiyakholwa wukuthi ukulungele ukusebena aqhubekele phambili futhi. Leli yithuba elikhulu kuyena kanjalo nathi njengeqembu.”

UHlatshwayo naye uzwakalise ukujabula ngokujoyina umndeni weSuperSport.

“ISuperSport yiqembu elaziwayo ngokuwina izindebe. Ngethemba ukuthi ngizokwazi ukusebenzisa amava ami kodwa lokho kusho ukuthi kumele ngiqhubeke ngizimisele,” kusho uHlatshwayo.

“Kunokuncintisana eqenjini okuyinto enhle kakhulu ekuqinisekiseni umfutho kubadlali kuphinde kwakhe nobumbano. Ngizokwenza isiqiniseko sokuthi ngiyalilwela ilungelo lami lokudlala.”

UTyson ushiye kwiBucs abanye abalandeli bengasayiwa indaba yakhe ngenxa yamanye amaphutha abebuye awenze. Abalandeli abaningi bajabulile ngesikhathi eshiya eZimnyama yize bekhona nabamangala.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.