Uvalo kuBaxter ngomdlalo wabo neStellies ‘eyingozi’

Uvalo kuBaxter ngomdlalo wabo neStellies 'eyingozi'
Abadlali beKaizer Chiefs
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

Unokwesabela ukuthi abadlali bakhe bengase bazonge uma sebebhekene neSTellenbosch FC umqeqeshi weKaizer Chiefs uStuart Baxter.

IChiefs izogadulisana neStellies emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili ntambama.

Ezinsukwini ezine ukusuka lapho, izobe seyibhekana nezimbangi zayo ezindala i-Orlando Pirates.

“Kuhlezi kukhona emqondweni womdlali noma ngabe kuzoba owomkhaya baseMilan, baseNorth London noma lo wase-Old Firm…

“Kusuke kunobungozi bokuthi abadlali badidiseke sebebheke kakhulu lowa mdlalo omkhulu.

“Sikhulumile ngalokho. Ngaphezu kwalokho, iStellenbosch iqembu eliyingozi njengamanje.

“Lokho siyakwazi, siyazi nokuthi kumele izingqondo zethu zibe kulo mdlalo ngokuphelele.

“Ngethemba ukuthi (ukucabanga ngowomkhaya) ngeke kube yisiphazamiso,” usho uBaxter. 

Nokho wesese uBaxter ngendlela izinto ezihlangana ngayo eqenjini lakhe okubonakale lishaya iChippa United neSuperSport United belandelana.

FUNDA NALA: Kugqame ukusala kwabePirates kumenyezelwa eleBafana

“Abafana bayazikhandla. Kubafake umdlandla ukuthola lo mphumela wokugcina (bebhekene neSuperSport).

“Lokho kubonakalile nasejimini, izinga beliphezulu kakhulu. Besibuka nje izibalo zokuthi bagijima kangakanani, kwenyukile.

“Bawubheke ngabomvu umdlalo. Bayazi ukuthi iStellenbosch senza kahle kulezi zinsuku. 

“Siyazi ukuthi sinomdlalo onzima esizobhekana nawo futhi kuzomele sibe seqophelweni eliphezulu ukuze siwuwine.”

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *