UVan Heerden ufuna iStellies ivuke ngeSundowns

UVan Heerden ufuna iStellies ivuke ngeSundowns
UMarc Van Heerden
UDABA: Mhlengi Cele
ISITHOMBE: Twitter

Isitobha seStellenbosch FC uMarc van Heerden uthi kuzofanele babhukule uma sebedlala neMamelodi Sundowns ukuze bagweme ukuhlulwa kathathu kulandelana.

IStellies izogadulisana neSundowns eDanie Craven Stadium ngoMgqibelo ntambama emdlalweni weDStv Premiership.

Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule iStellies ibingakaze ihlulwe ngemuva kwemidlalo engu-10 yeligi.

Kodwa manje basengozini yokuhlulwa imidlalo emithathu ilandelana njengoba bezodlala neSundowns engakaze ihlulwe kuyoyonke imiqhudelwano kule sizini.

UVan Heerden uthi abazinikelanga ngokwanele emdlalweni wabo nePirates eyabashaya ngo 3-0.

Uphinde waxwayisa ozakwabo ukuthi kungenzeka into efanayo nasemidlalweni weSundowns uma bengeke bashintshe ukwenza.

“ISundowns yiqembu eliqine kakhulu, elinabadlali abanohlonze nabaqeqeshi abasezingeni elicokeme.

“Ukubhekena neqembu elinjalo kuyohlale kuba ngumqansa ongakhwelwa mbongolo.

“Uma ubheka ukuthi kade sidlala namaqembu amahle iPirates neRoyal AM sadliwa, manje sekufanele siqinisekise ukuthi senza kahle uma sesidlala neSundowns okungekho lula.

“KwiPirates sazicekela phansi thina, sasingekho emdlalweni. Yingakho sahlulwa.

“KwiRoyal AM saliphakamisa izinga kwaphika ukwenza. Empeleni kwakufanele siwunqobe lowa mdlalo.

“Yithina esasibona ibhola ngaphezulu kwabo kodwa sagcina sikhale phansi ngoba inhlanhla yayingekho ngakuthina,” kusho uVan Heerden.

FUNDA NALA: Kuguge iphakethe eqenjini laseFrance lisayina uNyakane

ISundowns iyona yodwa engakahlulwa kule sizini kwiligi. Isangenelwe amagoli amabili kuphela ashawa yiSuperSport United ngeviki eliphelile.

Kodwa uVan Heerden uthi nabo bangakwazi ukumangaza amaBrazilians.

“Alikho iqembu elingashayeki kule ligi. Uma ukholwa ukuthi uzokwenza izinto zenzeke, izinto ziyazenzakalela.

“Thina sidlalela ukunqoba imidlalo. Bayiqembu elikhulu, ukubahlula kuzothatha ukusebenza ngokuzikhandla okuphindiwe.”

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.