Uvele wacobeka uThobejane iSwallows ivuka ngeBaroka

Uvele wacobeka uThobejane iSwallows ivuka ngeBaroka
UKgoloko Thobejane
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ukukhuluma ngokudangala komqeqeshi weBaroka FC uKgoloko Thobejane kukhombisa kona ukuthi ‘ibhola lingakubulala ufe nya.’

UThobejane ubukeke elahlekelwe yithemba ngemuva kokuthi ezakhe zishaywe yiSwallows FC ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesithathu.

Ukushaywa kweBaroka kuyishovele ekugcineni kwilogi yePremiership.

“Yibhola leli. Besisafuna lawo maphuzu amathathu nanamuhla kodwa lutho. Ngasekupheleni komdlalo kwenzekile okwenzekile,” kusho uThobejane.

“Singathini. Sizamile ngakho konke ngesiwombe sesibili, sakha amathuba enele. Ukuthi nje ngeke uyiwine imidlalo uma ungawashayi amagoli.

“Kumele sakhe amathuba amahle sizibeke endaweni yezitha eyingozi, yilokho esihlale sikhuluma ngakho. Sidinga ukuba sezingeni eliphezulu ezindaweni eziyingozi.”

IBaroka izithola inamaphuzu ayisishiyagalolunye emidlalweni engu-13.

Imidlalo iya ngokushuba kakhulu njengoba izobhekana neCape Town City ePeter Mokaba Stadium, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.

FUNDA NALA: UMcCarthy uveze ukuzwelana kwakhe neChiefs exakwe wukhuvethe

“Akusho ukuthi abekho abadlali abaseqophelweni eliphezulu, bakhona. Uma udlala ibhola kuba nezikhathi lapho nizithola ezindaweni ezikahle.

“Uma ungakwazi ukwenza kahle lapho nakanjani uzoshaywa. Sinabo abadlali abasezingeni eliphezulu,” kuphetha uThobejane.

Lo mqeqeshi uzokwethemba ukuthi ibhola ngeke ‘libulale’ yena nezakhe uma sebebhekene neCitizines esefomini engcono kunabo. ICity ikunombolo 10 ngamaphuzu angu-17.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.