Uvele wanyamalala uMosele wePirates kumele aye kwiBafana

Uvele wanyamalala uMosele wePirates kumele aye kwiBafana
UGoodman Mosele
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ugcine ekhishiwe eqenjini lesizwe iBafana Bafana uGooman Mosele we-Orlando Pirates kulandela ukuthi evele wanyamalala akwangaziwa ukuziphi izinkalo.

Endaweni yakhe kufakwe uJesse Donn weSuperSport United kanti umqeqeshi weBafana uHugo Broos uthe simphoxile isenzo sikaMosele.

“Ngeshwa, uMosele uvele wanyamalala. Sizamile ukumthola kodwa sangaphumelela kuleyo mizamo.

“Lento iyadumaza kakhulu. Sijabule ngokuthi uJesse Donn akazange ananaze washeshe wasabela uma simbiza,” kusho uBroos kwiSAfm.

IBafana ihlanganele ukulungiselela ukubhekana ne-Ethiopia emidlalweni emibili yokuhlungela iNdebe yoMhlaba yangonyaka ozayo.

Umdlalo wokuqala uzoba ngoMgqibelo e-Ethiopia bese owesibili ube lapha ekhaya ngoLwesibili.

IBafana yiyo ehlezi eqhulwini eqoqweni layo njengoba yabambana neZimbabwe emdallweni wayo wokuqala.

Yelamanisa lowo mphumela ngokushaya iGhana okwayibeka eqhulwini ngamaphuzu amane. Ilandelwa yiGhana.

Uma ingaphinde ithole imiphumela efanayo nakwi-Ethiopia ingazibeka ethubeni elihle lokungena eNdebeni yoMhlaba okokuqala kusukela ngo-2002.

Omunye umdlali ongeke esaba khona kwiBafana nguMosa Lebusa weMamelodi Sundowns onokulimala.

ULebusa ufikile ekhempini yeBafana, wahlolwa wabe esededelwa indawo yakhe yabe seyinikwa uLuke Fleurs weSuperSport.

FUNDA NALA: Amantombazane eSundowns nawo abelesele ngenduku kwiSuper League

“Omunye umdlali weSuperSport uLuke Fleurs ungene ezovala isikhala sikaMosa Lebusa olimele.

“Kube yishwa nje ngoba uLebusa ufikile wahlolwa ngosuku lokuqala lwekhempu (ngeSonto) njengoba ebenokuthinteka.

“Ubenethemba lokuthi uzosheshe elulame,” kucacisa uBroos osawubambe kahle umsebenzi wakhe yize ayengathenjiwe kakhulu.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.