UVilakazi ufuna ukukhipha ompetha bomhlaba ezindaweni zasemakhaya

UVilakazi ufuna ukukhipha ompetha bomhlaba ezindaweni zasemakhaya
USandile Vilakazi noSanele Msimango
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Sithunyelwe

Ngeke zisasalela emuva kwezamankomane izindawo zasemakhaya eXopo naseSMzimkhuluuma kuzohamba ngzinhlelo zikaSandile “Villa” Vilakazi.

UVilakazi ungumhleli wezimpi osafufusa waKwaZulu-Natal usevule inkampani yakhe iSiyathaba Boxing Promotion azosiza ngayo amabhokisa.

“Lezi zindawo zasemakhaya zihlale zisalela emuva kanti namathuba amaveli kahle ngisho ngabe likhona ikhono.

“Ngifuna ukukhiqiza abashayisibhakela abasezingeni khona la emakhaya. Ngizogxila kakhulu ezindaweni zasemakhaya,” kusho uVilakazi.

Lo mhleli kumanje nguye osephethe uSanele “Tornado” Msimango waseNtshanga ngaseThekwini.

Uthi into emngenise esibhakeleni ukubona lo mdlalo ufadabala kulesi sifundazwe esesikhiqize ompetha bomhlaba abaningi.

“Ngifuna ukukhiqiza ompetha kulezi zindawo lapho abantu bengazinakile nhlobo. Ngijwayele ukubona abantwana abaningi abanekhono lapha ezigabeni eziphansi.

“Kodwa amakhono abo ayashabalala ngenxa yokuthi abanaye umuntu ozoba hlelela izimpi. Lokho kudala ukuthi basilaxaze phansi isibhakela ngokuhamba kwesikhathi.

“Kuthi uma sebeqede isikole babone ukuthi alikho ikusasa kulento bashiye phansi kanti bekungenzeka baye kude ukuba bathole amathuba.

FUNDA NALA: UPercy Tau usefikile e-Egypt la esezodlala khona kwi-Al Ahly

“Ngingathokoza ukukhiqiza abafana abazoya naku ma-Olympics alandelayo abazoqhamuka lapha ngaphansi komasipala abangaphansi komkhandlu waseHarry Gwala District,” kubeka uVilakazi.

Kulindeleke ukuthi uVilakazi abuyisele amabhokisa eringini ngabo Novemba njengoba useke waqhatha Ogwini ngoJuni.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.