UVilakazi useqale uhlelo lokubuyisela abelungu kwezamankomane

UVilakazi useqale uhlelo lokubuyisela abelungu kwezamankomane
Alfred Ngubane

Umhleli wezimpi uSandile Vilakazi ongumhleli useqale umkhankaso wokunxenxa abashayisibhakela abangabelungu ukuba babuyele kwezamankomane.

Uthi abamhlophe kuleli sebeqhelile esibhakeleni kanti lo mkhankaso wakhe wokubabuyisa uwuqale ngokubambisana neThomas More College yaseHillcrest.

Ekhuluma neMpempe, uthi abamhlophe sebephumelile obala basho ukuthi lo mdlalo bayawuthanda kodwa abanabo abaqeqeshi.

“Siqale uhlaka lokujimisa abafundi kuleli kolishi abazoncintisana nabanye bamakolishi futhi banethuba lokungena eqenjini elizoya kuma-Olympic Games namaCommonwealth Games,” kusho uVilakazi.

Khonamanjalo lo mhleli osafufusa usanda kuphumela obala kwiMpempe ukuthi ubefuna ukuqhatha amabhokisa azobanga ibhande lakuleli kodwa ngenxa yemali kwamvithiza lokho.

Uphinde waveza ukuthi ukhiphe uxhaso lwezimphahla zokujima kuwalunika i-Eyethu Boxing Gym eMlazi okuyijimu kaThree Gumede.

Kumabhokisa axhaswe yiSiyathaba Boxing Promotion singabalula lawa: Sanele Msimango, Mpilo Cele noMpendulo Gumede.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.