UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Facebook
Umhleli wezimpi zesibhakela uSandile “Villa” Vilakazi weSiyathaba Boxing Promotion uzokhuphula amasokisi kakhulu njengoba ezoqhatha izimpi maduze.
UVilakazi utshele Impempe ukuthi akulula ukuhlela izimpi njengoba kunezinselelo eziningi kakhulu.
“Uyabadinga abaluleki abaseqophelweni eliphezulu ukuba bakucathulise ukuze uhlele izimpi ezise qophelweni eliphezulu,” usho kanje uVilakazi.
Ukubeke kwacaca ukuthi ufuna lezi zimpi ezilandelayo zibeke isifundazwe iKwaZulu-Natal ebalazweni lomhlaba.
Zizoholwa phambili yimpi kaNgcebo Sibiya waseDukuduku noJackson Kaptain wase-Eastern Cape.
Kukhona nekaSimiso “Ganda-Ganda” Buthelezi waseZululand ozobhekana noKwenzokuhle Qwabe.
UVilakazi unxuse nokuthi abalandeli abazohambela lezi zimpi ukuthi balandele imigomo yokulawulwa kwezwe yeCovid-19.
FUNDA NALA: UMntambo akeneme ngokungawini kwePirates
Usihlalo wenhlangano eyengamele amankoane eKZN uZandile Malinga unxenxe ngokuthi baphume ngobuningi abalandeli beyogomela iCovid-19 khona bezobuyela ezinkundleni zezemidlalo.
UMalinga uveze nokuthi balindele izimpi eziseqophelweni eliphezulu kakhulu njengoba umnyango wezemidlalo eKZN uhlala ufuna ukuthi banikeze abalandeli izimpi ezinohlonzo kakhulu.
Lezi zimpi zizoba seThekwini Portuguese Club ngeSonto lomhla ka-30 Okthoba.