Uvoveke inkani yizinkinga abebhekene nazo kwiTTM uMasutha

UJoel Masutha akananxa nabaphathi abasha beTshakhuma Tsha Madzivhandila

MTHOKOZISI MNCUSENI

“Ngizethusile kwamina ukuthi ngiyimele kanjani yonke le nto! Bengingazi ukuthi nginenhliziyo engamelana nalokhu ebengibhekene nakho ezinyangeni ezinhlanu ezidlule.”

Okhuluma lapha nguJoel Masutha obezwakala sengathi kwehle umthwalo emahlombe akhe ekubeni ubephefumula okokuqala ngemuva kokudilizwa esikhundleni sokuqeqesha kwiTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM).

Inkontileka yakhe ne-TTM inqanyulwe ngemuva kokuthi ehlule iSuperSport United emzuliswaneni wokuqala kwiNedbank Cup ngegoli elingene ngasekugcineni lishaywa nguThabo Mnyamane.

Abaphathi abasha be-TTM baqome ukuyinqamula inkontileka yalo mqeqeshi yize abaningi bebona enze kahle ngaphansi kwezimo abebhekene nazo.

UMasutha uthi bekuyinkinga ukugcina abadlali bakhe besesimweni esikahle kwazise iqembu bekubikwa kabi ngalo cishe nsukuzonke.

UDylan Kerr osanda kuxoshwa kwiBlack Leopards nguyena oseqeqesha leli qembu elisanda kushintsha izandla.

“Okwenzeke kimi kulezi zinyanga ezedlule angikufiseli muntu! Kunezikhathi lapho ebengize ngizibuze mina ukuthi ngizowathathaphi amandla okukhuthaza abadlali ekubeni ngidinga ukukhuthazwa kwamina?

“Sikuzame konke obekungenzeka mina nabadlali. Uma bejabule lapho bekhona ngizoke ngilale ubuthongo yize mina ngingenawo umsebenzi.

“Kunemidlalo lapho esiye kuyona siziqinisa kungahambi kahle yonke into kodwa sivumelane ngokuthi sizokwenzela imindeni nezithunzi zethu.

“Ngiyaziqhenya ngabo bonke abadlali bami futhi ngijabule uma bejabule,” kusho uMasutha ebafisela inhlanhla ngaphansi kobuholi obusha.

Lo mqeqeshi uthi ngeke nangengozi abambele abaphathi abasha igqubu ngokumephuca iqatha emlonyeni.

“Ngabe ngenza elikhulu iphutha. Uma uzofaka imali yakho engaka entweni nawe ungathanda ukuthi igadwe abantu obethembayo.

“Konke okwenzekile nginethemba lokuthi sekudlulile ngakho iqembu ngilifisela okuhle kodwa.

“Ngiyazi umqeqeshi uzokwesekwa kangcono kunangesikhathi esedlule,” kusonga lo mqeqeshi osemncane.

Email: mthokozisi@impempe.com -Twitter: @MthokozMncuseni

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.