Uvuke ngeChiefs uLarsen obese kunesikhathi engasebenzi

UClinton Larsen

OKADONGA GUMBI
Isiqashe uClinton Larsen iBizana Pondo Chiefs njengoba ezoba ngumqeqeshi wesithathu kuleli qembu emavikini amabili.
Leli qembu lase-Eastern Cape kodwa elizinze eThekwini okwesikhashana, bwliqeqeshwa nguTshepo Motsoeneng, waxoshwa kwangena uJulius Dube njengebamba kodwa naye usekhonjwe indlela njengoba sekungene uLarsen nje.
ULarsen ugcine ukusebenza ngesizini edlule ekwiPolokwane City edliwe yizembe kwiDStv Premiership (isabizwa nge-Absa Premiership).
IChiefs ikhiphe isitatimende ngoLwesibili ntambama imemezela ukuthi seyihkukene noDube, futhi seyiqashe uLarsen.
“Iqembu selihlukene nobeyibamba lomqeqeshi uJulius Dube, labe seliqasha uClinton Larsen njengoqeqeshi omusha.
“Uzothatha kusuka khona manje kuze kube kuphela isizini. Lesi sinqumo siphume ngemuva komhlangano noDube ngenhloso yokuthi kuhlukanwe ngesihle.
“Ngokwezivumelwano zalo mhlangano, uDube ushiye isikhundla ngoMashi 23,” ifundeka kanje ingxenye yalesi sitatimende.
Ukufika kukaLarsen kunethemba lokuthi kuzoletha uguquko njengoba leli qembu libhekene nezembe kwiGladAfrica Championship.
“Ukuqashwa kukaLarsen kwenzeke ngesikhathi esibalulekile njengoba iHunters izimisele ukugcina indawo yayo kwiGladAfrica Championship ngokuthi ilivike izembe.
“Iqembu likholwa wukuthi uLarsen uzokwazi ukujika izinto kwi-Indomitable Lions of Skomplaz, ebuyise nethemba kubalandeli neqembu,” kuqhuba lesi sitatimende.

IHunters iyona esemsileni kwiChampionship kanti isimo sesibucayi njengoba seyisalelwe imidlalo engu-12 ngaphambi kokuphela kwesizini.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com 

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *