Uvuke ngewini yokuqala uKlate eshaya iPirates

Uvuke ngewini yokuqala uKlate eshaya iPirates
Sbongs Gumbi

I-Orlando Pirates izofunda ukuthi amathuba alula awayekwa ngoba uzowakhumbula uma sewuzithola sewuhlulwe emdlalweni obekungafanele.

Lesi sifundo okumele ngabe kade yasazi, isithole ngesikhathi ishaywa yiChippa United ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership e-Orlando Stadium ngeSonto ntambama.

IPirates iye kulo mdlalo kubhekwe ukuthi izicangcathele kalula bese iwola amaphuzu aphelele ukuze ibe ngelinye lamaqembu aphezulu kwilogi.

Futhi nomdlalo iwuqale kahle kubukeka izokwenza lokho. Nokho ibe syidlala ngamathuba okwenze iChippa yaze yazibona inethuba lokuthi ingawadla amaphuzu.

UThembinkosi Lorch nguye ohlulwe yithuba elilula kunawo wonke ngesiwombe sesibili eshaya into ebheke eceleni esebhejene nonozinti.

Naye unozinti weChippa uLOyd Kazapua ubengazibekile phansi njengoba evimbe inqwaba yamabhola amahle iPirates ebithi iyadla ngawo.

Kuthe sekusele imizuzu emihlanu umdlalo uphele, u-Abdi Banda walingqofela enethini ibhola leChippa kade kuyikhona kwaba wukubhimba kwekwaya kwiPirates.

Yize izamile emizuzwini yokugcina iPirates ukubuya, kodwa bese kucacile ukuthi akusasizi njengoba lugcine lugobile, uDaine Klate wathola amaphuzu akhe kuqala.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.