Uvuma eyokuhlulwa utshwala owaduma kwiPirates neChiefs

Uvuma eyokuhlulwa utshwala owaduma kwiPirates neChiefs
UPhumlani Mkhize
OkaDonga Gumbi

Wagcina elahlekelwe yiyo yonke into ayenayo empilweni uPhumlani “BMX” Mkhize owaduma kwi-Orlando Pirates neKaizer Chiefs ngenxa yotshwala.

UMkhize, odabuka eWembezi, eMtshezi, wafika kwezwakala ebholeni ngasekupheleni kweminyaka yo-90 ngesikhathi engalibheki ipali ekwi-African Wanderers noSibusiso Zuma noSiyabonga Nomvethe.

Wasuka lapho wathathwa yiPirates benoZuma bafika nakhona baba yizilomo, bengaconsi phansi kubalandeli.

UZuma yena waze wagcina esedlulela phesheya kwezilwandle la nanamuhla esanedumela kwiCopenhagen yaseDenmark.

UMkhize yena wadlulela kwiChiefs kodwa kwasho khona ukuthi ufa lotshwala selumngene futhi luyamkhubaza impela.

Uzovumele yena ukuthi ukuphuza kwakhe kuze kweqe kwagcina sekumfake ezinkingeni eziningi wagcina eshiywe ngumfazi, wadlelwa nezimoto wasala ewulopholo.

Lokhu kwamenza waze wagcina esefisa ukuzibulala. Uthi wathatha isibhamu wazivalela elawini lakhe ekhaya kubo eWembezi ngenhloso yokuzibulala.

“Kodwa ngathi uma sengingedwa ngakhumbula ukuthi kunabantu abangudingayo empilweni – nginezingane.

“Ngabona nokuthi kunezingane ezisanamaphupho okudlala ibhola ezingasizakala uma ngizixoxela ngokwenzeka kimi ngenxa yotshwala,” kusho kanje okaKhabazela.

Ubekhuluma esigungwini ebesihlelwe ngabeDiageo’s Wrong Side of the Road Campaign eSoweto ngoLwesine emini.

Kulesi sigungu bekukhona nabanye abadlali ababanenkinga efanayo nekaChwane yokuhlulwa utshwala bagcina bephenduke imiphuphe ehlekwayo ngasemakubo.

Uthe kwathi uma ephuma endlini kade ecabanga ukuzibulala, waqala wazama imali ehamba ecela emigwaqeni efuna nokugitshezwa mahhala eya edolobheni eMtshezi.

FUNDA NALA: UWilliams uncoma uNgoma ozama inhlanhla kwiSuperSport

Uthe useneqembu labafana abaneminyaka engaphansi kuka-15 no-17 aliqeqeshayo khona ngakubo futhi lokho kuyamsiza ngoba useyeke nokuphuza.

Ubebonakala ke nasemzimbeni ukuthi ungumuntu ozijimelayo. “Lokho kuyangisiza ngoba ngenza into esiza abanye abantu bengagcini befana nami.”

UMkhize uthe wake waba sengozini eyamlalisa esibhedlela equlekile izinsuku ezine ayekade eshayela ebukhile.

“Kwathi uma ngiphaphama ngazitshela ukuthi sengifile ngoba ngabona ngomuntu omude ogqoke ezimhlophe phambi kwami.

“Kwakungunesi owayengisiza ukuba ngilulame,” kuchaza umfokaKhabazela. Kwenziwa lesi sigungu nje kusanda kwenzeka ingozi efake omunye owayedlala ibhola kodwa waphazanyiswa amambawu.

UJabu “Pule” Mahlangu, owaduma kwiChiefs, kumanje uzogiima izinkantolo ngecala lokushayisana netekisi qede aphume abaleke eBenoni, eGauteng.

Abazihlebayo bami wayebukhile ngesikhathi kwenzeka le ngozi yingakho aphuma wabaleka nje.

Nokho bekwaziwa ukuthi usabuyeka, usefana nenja akasafuni ngisho ukubunuka kodwa lokhu.

editor@impempe.com 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *