Uvuma ubuhlungu azobuzwa oweChiefs uma sebedlala neSwallows

Uvuma ubuhlungu azobuzwa oweChiefs uma sebedlala neSwallows
URamahlwe Mphahlele weKaizer Chiefs
OkaDonga Gumbi

Kungenzeka kube wumdlalo la iKaizer Chiefs izophelezela khona omakhelwane bayo iSwallows FC ibase ehlathini kanti uRamahlwe Mphahlele uvuma ukuthi kuzoba nzima kuye.

Phela uMphahlele waqala kuyo iSwallows ukudlala ibhola elikhokhelayo esengumfanyana oneminyaka engu-16.

Uthi ngokujwayelekile uyakuthokozela ukudlala namaqembu ake wagijima kuwo phambilini. Koda kulokhu kujikile kwazise iSwallows ibhekene nengozi yokudliwa yizembe.

Empeleni nje uma ike yaguqa kuMakhosi, kuyobe sekuphelile ngayo. Idinga ukuwina bese neminye imiphumela yeminye imidlalo yamaqembu asenkingeni efanayo ivune yona.

Isendaweni ka-15 ngamaphuzu angu-25 kanti ayalingana naweBaroka FC engemuva kwayo okwenza lo mdlalo usinde kakhulu kuyo.

“Ya, kunjena nje ebholeni uyabona,” kusho uRama, okuyigama abizwa ngalo ngozakwabo uMphahlele oseneminyaka engu-32 manje.

“Siyasazi isimo ababhekene naso. Bazofuna ukuza kithi belwa ngoba bafuna amaphuzu. Ngeshwa nje lo mdlalo ungibeka esimweni esingesihle.

“Kodwa ke kuzoba ngomunye wemidlalo okumele sizilungiselele kahle uma siya kuwo bese senza okusemandleni ukuthi siphinde siqoqe amaphuzu agcwele.

“ISwallows iyohlale inendawo ekhethekile enhliziyweni yami ngoba ngake ngadlala kuyo eminyakeni edlule.

“Kodwa ngoMgqibelo ngizokukhohlwa konke lokho ngoba sizobe silwela amaphuzu amathathu, futhi engathi kungawina iqembu elizokusebenzela lokho,” kwengeza yena.

Emidlalweni emibili edlule iChiefs seyikhombise ukuthi iyahlangana kancane njengoba iwazile ukubamba iMamelodi Sundowns yaphinde yashaya iSekhukhune United.

“Sesiqala ukuhlangana futhi sifuna ukuqhubeka la sigcine khona, sizame ukuqoqa amaphuzu agcwele kwiSwallows kodwa ngiyazi ngeke kube lula.

FUNDA NALA: Isikhulu seRichards Bay sichaza indlela okwadayiseka ngayo iThanda esingayithandanga

“Sesisele nomdlalo owodwa ngaphambi kokusongwa kwesizini bese siyabona ngemuva kwalokho ukuthi kwenzakalani,” kuchaza uMphahlele.

Emdlalweni wokugcina, owawudlalelwa enkundleni okuyiyona adlala kuyo umdlalo wakhe wokuqala esigabeni esikhokhelayo, uRama nguye owabhakuzisa inethi.

“Kuyangijabulisa ukusiza iqembu (ngokushaya igoli) liwine. Okubaluleke kakhulu nokho wumphumela, ukuqoqa amaphuzu amathathu nokungangenelwa goli.

“Yilokho okuseqhulwini kimi. Uma kwenzeka kuqhamuka negoli khona lapho, lokho kusuke sekuyibhonasi nje.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.