Uvume amava ezimbangi ezimbukise izithende uMathanga

UMbuleli Mathanga

ALFRED NGUBANE

Bamgabisela ngezithende kwiSA Half Marathon wayivuma induku uMbuleli Mathanga. LO msubathi wePhantane Athletics Club akalibonanga elidlalayo koPrecious Mashele noStephen Mokoka kulo mqhudelwano obuseGqeberha muva nje.

Utshele Impempe ukuthi into abamudla ngayo yisipiliyoni, wathi kodwa uyajabula ngoba naye ufundile kulokhu. Okuhle kuye wukuthi ungenile naseqenjini okuzoqokwakulo abazomela iNingizimu Afrika kuma-Olympics eJapan ngoJulayi.

“Khona bangishiya, kuhle ngikuvume lokho. Bakukhombisa ukuthi sebenamava bona kunami. Njengamanje sengibheke ukusebenzela ukugcina ngibaliwe kwabaya kuma-Olympics njengoba ngingenile ohlwini lokuzoqokwa kubo,” kusho uMathanga.

Njengamanje uzilungiselela ukuya kwi-African Championships e-Algeria la ahlose khona ukwenza ngcono izikhathi zakhe. Nokho nakhona uzubuthola ubunzima kwazise kule mijaho kuboshelwe nezinkunzi zaseKenya.

“Ngifuna ukwenza kahle kwazise ukuncintisana kuzobe kuphezulu kakhulu kulo mjaho. Iyona imijaho enjena ekukhulisayo ngoba noma ungawinaga kodwa uyafunda,” kusho uMathanga okubhekwe lukhulu kuye esikhathini esizayo.

Useke wanconywa nanguBongumusa Mthembu oseke wawina iComrades Marathon amahlandla amabili, wathi unekusasa eliqhakazile. Umthembu wathi into enhle ngale nsizwa yaseMpangeni wukuthi ihlale ifuna ukufunda nokunqoba.

“Mina ngifuna ukulungisa izikhathi namarekhodi ami lapha esifundazweni sethu bese nginyukela ngize ngifike ezingeni lomhlaba,” kusho uMathanga.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *