Uvume uBvuma umqeqeshi weBafana

UBruce Bvuma
UDABA: OKADONGA GUMBI
ISITHOMBE: TWITTER

Uzonikwa ithuba lokuziveza kwiBafana Bafana unozinti weKaizer Chiefs, uBruce Bvuma njengoba evunwa yiminyaka. Lokhu kuvezwe ngumqeqeshi weBafana, uHugo Broos ngesikhathi eqoka iqembu lakhe lokuqala kusukela eqashwe kulesi sikhundla.

Konozinti uqoke uBvuma noRonwen Williams weSuperSport United. Echaza ngokuqoka uBvuma, usadlale imidlalo emithathu kwiChiefs kule sizini futhi osendaweni yesithathu ngemuva kuka-Itumeleng Khune noDaniel Akpeyi, uveze ukuthi yiminyaka emthathile.

“Ngibuke umdlalo weKaizer Chiefs neSimba ngeviki elidlule. Ngasheshe ngafika ngoba ngangifuna ukubuka besazivocavoca ngaphambi komdlalo. Kuningi ongakubona ngonozinti uma ezivocavoca. Ube nomdlalo omuhle. Sekukuye manje ukuthi uyalibamba yini leli thuba,” kusho uBroos.

“Uma ubheka iminyaka yonozinti bakuleli, uWilliams usena-28 uma ngingaphosisi, omunye obevelile, uVeli (Mothwa waMaZulu) una 30 noma 31. Laba badlali bazobe bena-32 eminyakeni emibili ezayo. Sekumele sicabangele ikusasa manje.”

NoThulani Hlatshwayo ongukaputeni weBafana kodwa ongekho efomini kulezi zinsuku. UBroos uthe kuqalwa kabusha, akuqokwa ngezikhundla noma amaqembu okudlalwa kuwo.

“Ngithole ulwazi ngabadlali kwiphini lami (uHelman Mkhalele) ngesikhathi siqoka iqembu. Bengingabheki ukuthi ubani ongukaputeni noma ukuthi umdlali uqhamuka kuliphi iqembu.

“Mina bengifuna ukuqoka iqembu elithi mina njengoba kungelokuqala. Akubona lana badlali kuphela esizosebenzisana nabo. Sisazoqhubeka sibheke nabanye ngoba sinemidlalo ngoSepthemba cishe kuzobe sekukhona nabanye.

UNkosinathi Sibisi weGolden Arrows, Sibusiso Mabiliso waMaZulu noBongokuhle Hlongwane yibo kuphela abadlali abaqalayo ukubizwa kwiBafana.

Lime kanje leli qembu:

Onozinti: Rownwen Williams – SuperSport United; Bruce Bvuma – Kaizer Chiefs

Izitobha: Innocent Maela – Pirates; Rivaldo Coetzee – Sundowns; Nkosinathi Sibisi – Golden Arrows; Rushine De Reuck – Sundowns; Craig Martin – Cape Town City;

Aubrey Modiba- Sundowns; Sibusiso Mabiliso – AmaZulu; Mosa Lebusa – Sundowns

Esiswini: Thabang Monare – Pirates; Mothobi Mvala – Sundowns; Sipho Mbule – SuperSport United; Keegan Dolly – Montpellier; Tebogo Mokoeana – SuperSport United; Lebonga Maboe – Sundowns

Abagadli: Bongokuhle Hlongwane – Maritzburg United; Percy Tau – Brighton; Thabiso Kutumela – Maritzburg United
Email: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *