Uvume ukusinda ngokulambisa kwiBay oweJDR Stars

UNditsheni Nemasisi

OKADONGA GUMBI

Bekungeminye wemidlalo la iJDR Stars kaNditsheni Nemasisi beyingadlali ngendlela afisa benze ngayo, kodwa ekugcineni yibo abaphume bemomotheka eMhlathuze Sports Complex amaphokethe equmbe amaphuzu amathathu.

Lokhu bekungemuva kokudida iqembu lasekhaya, iRichards Bay abayishaye ngo 2-1 emdlalweni weGladAfrica Championship ngeSonto ntambama. UNemasisi ukuvumile ukuthi bavunywe yinhlanhla, ngale kwalokho ngabe baphindele ePitoli bekhala.

Ukuyehlula kwabo iBay kuyivimbe ekutheni ibuyele eqhulwini kulesi sigaba njengoba beqhubekile nokuhlala endaweni yesibili abehliselwe kuyo yiRoyal AM. Ezika-Andile Mpisane zinyukele eqhulwini ngemuva kokushaya iTS Sporting ngo 2-1 ngoMgqibelo.

“Sijabule ngokuthola amaphuzu amathathu, kodwa indlela esidlale ngayo ayisigculisanga. Yibo abadlale kahle futhi nje babe nebhadi (ukuthi bengawini). Kodwa-ke vele kwesinye isikhathi into oyidingayo yinhlanhla ukuze uthathe amaphuzu ugoduke nawo,” kusho uNemasisi ngemuva komdlalo.

“Babe nomdlalo omuhle kakhulu, futhi nathi sikhombisile ukuthi sisekuhambeni kodwa ngasekugcineni sidaze inkani yeselesele emuva singabaniki nhlobo ithuba lokwakha amathuba acacile okushaya amagoli.”

Le wini ibuyisele iHammer Boys embangweni wesicoco njengoba sekusele imidlalo emibili kusongwe le ligi. Isendaweni yesihlanu njengamanje kanti isalele ngamaphuzu amane kwiRoyal AM ephezulu.

IHammer Boys izovakasha kwiSteenberg United eKapa ngeSonto elizayo bese iphetha ngomdlalo wasekhaya neSekhukhune United ngemuva kwalokho. ISekhukhune isendaweni yesithathu futhi nayo isenethuba elihle lokunyuselwa esigabeni esiphezulu.

“Okungenani lo mphumela usibeke endaweni enhle esenza sikwazi ukulwela izindawo eziphezulu njengoba sesibheke emidlalweni emibili yokugcina. Ngijabule ngokuthi sisenethuba lokudla isicoco.

“Kuzodingeka siqine ngokomqondo. Indlela abakhombise ubuqotho ngayo namuhla abadlali kuzomele bayiphinde kabili ikakhulukazi uma sesisekuhambeni kwiSteenbrg eKapa.

“Uma sesisekhaya sibhekene neSekhukhune kuyoba ngcono ngoba nabo basembangweni wesicoco. Ukuwadinga kakhulu amaphuzu kukwenza ugcine sewutatazela, wenze amaphutha. Yilokho okwenzeke kwiBay namuhla,” kuphetha uNemasisi.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.