UVusi Ximba usophe ukumangaza ngokuvuka ngeMangosuthu Marathon

UVusi Ximba usophe ukumangaza ngokuvuka ngeMangosuthu Marathon
UVusi Ximba
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Sithunyelwe

Umgijimi waseMsinga, uVusi Ximba uthi ufuna ukusebenzisa isipiliyoni sakhe aqede ishobolo ngokuwina iPrince Mangosuthu Ultra Marathon.

UXimba usegijime iComrades Marathon amahlandla ayishagalombili kanti neJacob Zuma Marathon useke wayizama kodwa lutho indondo yokuwina.

Uthi ukuphuma kwakhe inqina kamabuyeze kule mijaho kumfundise ukubekezela nokuthi izinto zenziwa kanjani uma ufuna ukuphumelela.

“Amava senginawo futhi ngibona ezongisiza kakhulu kulo mjaho ozayo,” kusho uVusi ngePrince Mangosuthu Ultra Marathon.

Lo mjaho olibanga elingu-52 km uzogijinywa ngomhla ka-5 kuSepthemba usuka eNquthu uphelele eDundee.

“Nakuba ngonyaka ka-2019 uqala lo mjaho ngingabanga yingxenye yawo, kodwa kuyangigqugquzela ukuzogijima ngasekhaya.

“Selokhu ngaqala ukusubatha ngihlale ngingaphandle kwasekhaya. Ngicabange kahle ukuthi yithuba lami lokubuyisa izinduku ekhaya ngokunqoba lo mjaho omkhulu kanjena.

“Amalungiselelo ahamba kahle kakhulu. Ngiziqeqesha khona lapha ekhaya eMsinga njengoba izindawo zokusubatha zinhle khona… amathafa, amagquma nezintaba.

“Ngabe ngiziyekele mina ukunqoba lo mjaho ngoba nginethuba elihle kakhulu nesimo sezulu ngisiqonda kahle ngicabanga ukuthi konke kuyangivuna.

“Nomqeqeshi wami uSabelo Zondi sikhulumile kabanzi ukuthi kumele siwunqobe lo mjaho akukhathelekile ukuthi sincintisana nobani.

“Sifuna umanqoba kube yithina  njengoba sizikhandla,” kuqhuba uVusi. USabelo uthi bayakuqonda ukuthi bazobhekana nabasubathi abasezingeni eliphezulu.

“Kodwa uzilungiselele ngokwanele. Sifuna nokujika izinto njengoba singabhekiwe nje. Sizomangaza abaningi ngalo mjaho, sibavale imlomo,” kusho uZondi.

FUNDA NALA: EkaKhune inkanankana esazophithanisa ikhanda kuBaxter

Kulindeleke abasubathi abaningi abaphuma kuwo wonke amazwe ase-Afrika  afana no-Ethoipia. Kenya, Zimbabwe namanye amaningi.

Lokho kudala ingebhe kubasubathi baseNingizimu Afrika ngenxa yokuthi asubathi base-Ethoipia, Kenya nabaseZimbabwe bayingozi kakhulu emabangeni amade.

Kuzokhumbuleka ukuthi abasubathi abaningi balambele ukusubatha ngenxa yokuntuleka kwemijaho ngenxa yokudlana kweCovid-19.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.