Uwafuna ephelele amaphuzu uSithebe kwiTshakhuma

USiyethemba Sithebe

OKADONGA GUMBI

Aziyekela wona AmaZulu FC ukuwola amaphuzu kwiTshakhuma Tsha Madzivhandila ngasekuqaleni kwesizini isaqhwashalaza futhi wonke amaqembu ezitamuzela nje kuyo.

Usuthu lwagcina lubuye nephuzu elilodwa eVenda lapho leli laseLimpopo belihlala khona phambilini. Manje selishintshile.

Akuyona nje kuphela indawo elihlala kuyo – sekungelasePolokwane manje – eshintshile kodwa abaphathi nabaqeqeshi nabo bashintshile kuleli qembu.

Lokhu sekulethe uzinzo futhi selidlala kangcono kakhulu kanti nemiphumela isiqalile ukuba mihle.

Nokho Usuthu nalo selungcono kakhulu kunalokhu ebeluyikho ekuqaleni kwesizini futhi luyayivulela induku, usungabuza kwiKaizer Chiefs uma ungakukholwa lokhu.

Yingakho umdlalo wala maqembu kwiDStv Premiership ngeSonto ntambama eKings Park Stadium uzokhanga.

Umdlali woSuthu, uSiyethemba Sithebe, uthe bayazi ngeke kube lula kodwa bafuna amaphuzu agcwele njengoba besekhaya.

“Sisenza kahle uma sisekhaya, okubalulekile manje ukuthi siqhubeke nalo mgqigqo.

“Akumele sibathathe kancane ngoba njengoba sekuwumzuliswano wesibili nje manje, wonke amaqembu azimisele kakhulu,” kusho uSithebe.

Emdlalweni emihlanu edlule, AmaZulu awine emithathu, ahlulwa kanye abe esedlala ngokulingana kowodwa.

Lokhu kusho ukuthi aqoqe amaphuzu ayishumi kwangu-15, okuyinto ewathathe yawabeka endaweni yesithupha kwilogi.

“Nathi kumele siqhubeke siqoqe amaphuzu esiwadingayo, ikakhulukazi uma sisekhaya.

“Emzuliswaneni wokuqala kwakungumdlalo wabo wasekhaya kodwa sawathola amathuba okushaya amagoli siwine.

“Manje yithi esisekhaya, futhi nabo sebengcono kakhulu kunalokhu ababeyikho ngalesiya sikhathi,” kuqhuba yena.

Kuzomele azibambe ziqine ngempela AmaZulu kwazise iVhadau vhaDamani isendaweni eyenza ingasabi lutho kwazise ibalekela izembe elilokhu lisina liyijeqeza.

Uma ingawina kuMaZulu, ingakwazi ukuqhela kancane ezembeni.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *