UWambi weSwallows ugadle ekugcineni ephuca iRoyal AM iphuzu

UWambi weSwallows ugadle ekugcineni ephuca iRoyal AM iphuzu
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

UStrydom Wambi – ongene esuka ebhentshini – nguye ushaye igoli ekugcineni ngci wasiza iSwallows FC ukuthi ishaye iRoyal AM emdlalweni weDStv Premiership eDobsonville Stadium ngeSonto.

IRoyal AM ibiqala ngqa ukudlala ibhola kwiPremiership selokhu ithenge isitifiketi sokudlala kwiligi ephezulu ebholeni lakuleli ngempelasonto edlule.

EzikaShauwn “MaMkhize” Mkhize zithenge isitiketi seBloemfontein Celtic ngemuva kokuhluleka ukuwina icala ebezilifakile.

IRoyal AM yayifake icala ngemuva kokukhushulwa kweSekhukhune United ekupheleni kwesizini edlule yeGladAfrica
Championship.

Emdlalweni wangeSonto kuzicacele ukuthi abadlali beRoyal AM abasanda kuhlanganiswa nabeCeltic, abakahlangani kahle.

Kona akukubi kangako esikwatini seRoyal AM ngoba bakhona abadlali abanamava abafana nokaputeni uNdumiso
Mabena, Elias Pelembe, Kabelo Mahlasela, Lucky Baloyi noTshepo Rikhotso.

Kubukeke sengathi iqembu laseThawini belizimisele ngokubuya nephuzu kulo okuze kwaba ngumzuzu ka-90 kusengu 0-0.

Bese kubukeka sengathi kuzoqhubeka lokho kwiZinyoni ezidlale ngokulingana imidlalo engu-20 ngesizini edlule.

Kodwa walile uWambi wathi ufuna wonke amaphuzu asale ekhaya, eshaya igoli ngomzuzu wesithathu kwebeyengezwe unompempe.

Lokhu kubukeke kubathunaza kakhulu abadlali beRoyal AM abavele bagebisa amakhanda bonke ngemuva kokuthi iZinyoni zishaye igoli seliyoshona.

Mhlawumbe lokhu bekungenxa yokuthi abanye babo bake badlala naye Uwambi ngesikhathi uMaMkhize esaphethe iRoyal Eagles.

FUNDA NALA: IGriquas ayizwile kwiCurrie Cup nonyaka

Nokho leli qembu kumele likufunde ukuthi ezingeni eliphezulu kumele uyidlale yonke imizuzu engu-90, ungalali ekugcineni ngoba uhlawula kanzima.

UJohn “Vul’igate” Maduka ocija iRoyal AM kuzomele aphinde emuva nabadlali abadonse ngendlebe ukuthi asikho isikhathi sokulala kwiPremiership.

Emdlalweni olandelayo iRoyal AM izobhekana neCape Town City eChatsworth Stadium, ngoLwesithathu. Nawo lo mdlalo ngeke ube lula neze kuleli qembu.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.