UWilliams enkingeni owayengumkakhe edayisa umuzi ehleli kuwo

UWilliams enkingeni owayengumkakhe edayisa umuzi ehleli kuwo
UMark Williams
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

UMark Williams owayengumgadli ongalibheki ipali kwiBafana Bafana nasemaqenjini ehlukene ubhekene nenkinga njengoba owayengumkakhe emhlukumeza.

Sekuvele ukuthi uWilliams noBranca abahlukanisa ngo-2008, basanikizana namanje.

Ngokombiko weSunday World, uWilliams wake wazithola edutshulwa ngesibhamu esishokhanayo esisetshenziswa abaqaphi (stun gun).

Lokhu kwenzeka kwesinye sezigameko zokuhilizisana kwalaba ngaphambi kokuthi bahlukanise.

Muva nje lona wesifazane uzame ukudayisa umuzi kaWilliams ahlala kuwo nomkakhe omusha oseBrynston eGoli.

“Lokhu ukwenza nje babevumelene ngesikhathi behlukanisa ukuthi amafa bazowaba kanjani.

“Ngokwalesi sivumelwano, yena wathatha umuzi owawuseMelrose Arch owawubiza imali elinganiselwa kuR3-million ngaleso sikhathi.

“UWilliams wasala nalona oseBrynston owawubiza ngokucishe kufane nalona owathathwa owayengumkakhe.

“Bacazelana nemali ababeyongile emunye wathola uR1.2 million. Nokho lo owayengunkosikazi wakhe yena wawudayisa owakhe umuzi ngo-2009.

“Imali yakho akazange ayicazelane noWilliams,” kusho umthombo ocashunwe yiSunday World okuthiwa usondelene noWilliams.

UWilliams ukuvumile ukuthi kudingeke aphuthume enkantolo ayovimba uBranca obezama ukudayisa umuzi wakhe.

“Udlala umhobholo omubi nje lowo,” kusho uWilliams osengumhlaziyi kwaSuperSport TV.

“Savumelana ngokuhlukaniselana imizi, wathatha lo owawuseMelrose Arch agcina ewudayisa.

“Manje usefuna ukudayisa owami ngoba usethi yena akasasazi isivumelwano esasenza sokucazelana ngamafa.

FUNDA NALA: UToyana uthi uRabada usazogila izimanga ngebhethi

“Lo muzi awudayisa akuwona wodwa awuthola ngesikhathi sicazelana ngoba yayiminingi imizi yami ngaleso sikhathi.

“Wathatha iningi layo mina ngasala nengcosana ngenxa yokuthi angiyena umuntu onomoya omubi.

“Lo muntu wayengihlukumeza engilimaza futhi engixhaphaza nangokwezimali.

“Ngeke ke ngivume kulokhu ukuba awudayise lo muzi, ngizolwa naye ngezinkantolo,” ucashunwe esho kanje uWilliams.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.