UWilliams ucubuzela uNgoma amagabade kwiSuperSport

UWilliams ucubuzela uNgoma amagabade kwiSuperSport
U-Aubrey Ngoma
OkaDonga Gumbi

Unozinti weSuperSport United, uRonwen Williams usezame ukucubuzela u-Aubrey Ngoma amagabade kuleli qembu, ethi engaba wusizo olukhulu uma engasayinwa.

UNgoma – owayevutha bhe kwiCape Town City ngaphambi kokuhehwa yiMamelodi Sundowns – uzama inhlanhla kwiSuperSport.

“Unamava kakhulu futhi useke wadlala emaqenjini amabili kwamathathu amakhulu kuleli ngakho engaba wusizo impela kithi uma esayinwa,” usho kanje uWilliams.

“Useke wadlala kithi emidlalweni yokuzwana amandla futhi wenze kahle impela. Usebenza kanzima futhi ukhombisa ukukulambela ukudlala.

“Kumele alisebenzise leli thuba futhi mina ngingajabula uma engasayinwa ngoba ungumdlali wasophindweni kodwa owashayayo amagoli.

“Ngicabanga ukuthi yikhona lapho sishoda khona kule sizini ngoba kumasizini edlule besiba naye ogudl ophondweni bese elekelela nangokushaya amagoli.

“Yena ufika nalokho ke, siyamazi uyakwazi ukushaya amagoli,” kuchaza lo nozinti ongukaputeni weqembu neBafana Bafana.

FUNDA NALA: Usentunta nendishi owashiya eshiphile kuMaZulu

UNgoma, oneminyaka engu-32 manje, uhlale iminyaka emine kwiSundowns elizwa ngendaba ijezi waze washiya kuyo ngesizini edlule.

Ubuyele kwiCity kodwa nakhona kwangamhambela kahle njengoba manje esezama kuMatsatsantsa nje.

UNgoma wake wadlala nakwi-Orlando Pirates kudala yize izinto nakhona zingamvumanga kwazise akangenanga wagcwala eqenjini eliqala imidlalo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.