UWilliams ufuna baqaphele uma sebebhekene neCeltic kowePremiership

Sihle Ndlovu

Kwehla kamnandi kukaputeni weSuperSport United, uRonwen Williams, ukuthi abangenelwanga yigoli emdlalweni wabo odlule weDStv Premiership.

Amatsastantsa a Pitori abhaxabule iTS Galaxy ngo 3-0 ngempesonto. NgoLwesithathu azobhekana neBloemfontein Celtic koweligi eLucas Moripe Stadium, ngo-5 ntambama. ISuperSport isendaweni yesithathu kwi-log.

“Siphuma emdlalweni obe nomphumela omuhle kakhulu lapho sithole khona amaphuzu amathathu ekuhambeni, sashaya namagoli amathathu. Into ebibulekile kithina ukungangenelwa yigoli futhi siyaziqhenya ngendlela esivala ngayo emuva,” kusho uWilliams.

“Nokho isikhathi esiningi kule sizini besingakwenzi lokho. Sesidedele amagoli kungafanele kodwa besilokhu sisebenza kulokho, ngakho kuhle ukuthi sikwazile ukungangenelwa amagoli. Ngiyabajabulela futhi nabagadli bethu, uGabuza (Thamsanqa) noBradley (Grobelar), benza kahle kakhulu. Ngicabanga ukuthi yimidlalo emihlanu kulandelana manje beshaya amagoli, okuyinto enhle eqenjini. Ukubona abagadli bethu abaphambili beshaya amagoli yinto ebalulekile kodwa okunye okumqoka ukuthola amaphuzu.”

Lo nozinti uthe akumele bazithele ngabandayo emidlalweni ezayo ngoba ebholeni izinto zishintsha ngokushesha.

“Umdlalo olandelayo ngeke ube lula neze. ICeltic isithathe amaphuzu amaningi kithina kumasizini edlule. Bayiqembu okungelula ukulehlula, banesipiliyoni futhi sebesiphoxe kakhulu phambilini. Nokho siyakholwa ukuthi singakwazi ukubashaya, bayashayeka. Kumele sigcine umgqigqo wethu, senze yonke into ngendlela efanele, sifunde nasemaphutheni ethu emidlalweni esiyidlale nabo phambilini,” kugcizelela uWilliams.

“Kuzoba yinyanga enzima kithina ngoba sizodlala imidlalo eyisikhombisa kuya kweyisishiyagalombili. Kodwa okwamanje siqale kahle okuyinto eyenza sizizwe kahle. Nokho kuzoba nzima futhi sizodinga wonke umuntu. Abadlali abambalwa bayabuya, kuhle lokho. Sidinga wonke amasosha uma siya empini. Siyakujabulela ukudlala ibhola njalo ngemuva kwezinsuku ezintathu,” kuphetha uWilliams.