UWilliams uneqhinga lokushaya iBucs koweligi

URonwen Williams
Sihle Ndlovu

Ukaputeni weSuperSport United, uRonwen Williams, uthi kumele basebenzise ukuthi i-Orlando Pirates idlala imiqhudelwano eminingi bese, beyithela induku koweligi.

La maqembu azotholana phezulu emdlalweni weDStv Premiership, e-Orlando Stadium, ngoLwesithathu ngo-7.30 ntambama. ISuperSport iya kulo mdlalo ishayela phezulu kulandela ukushaya AmaZulu FC ngo 2-0 emdlalweni odlule.

“Akukaze kube lula ukudlala nePirates enkundleni yayo. Kuzoba nzima kodwa bebedlala imiqhudelwano eminingi ngesikhathi esisodwa, ngakho lokho kumele sikusebenzise ukuthi kuvune thina,” kusho uWilliams.

“Nakanjani usuku lokuphumula olungaphezulu esilutholile (uma kuqhathaniswa nabo) kumele kube yinto esiyisebenzeisayo. Kuzoba nzima ngoba bafuna ukukhuphuka kwilogi kodwa nathi sifuna okufanayo.”

IPirates igcine ishaywe yizimbangi iKaizer Chiefs emdlalweni weligi ophele ngo 2-1. Ngemuva kwalokho kuphinde kwangahamba kahle iwashiswa ijezi yiMarumo Gallants kwiNedbank Cup Last 16, lapho ishaywe ngo 5-4 kumaphenathi.

“Akumele sibanike nencane inhlonipho. Kumele siye laphaya sifike siwuphathe umdlalo,” kusho uWilliams.

“Kufanele sibacindeze zisuka nje. Sizilungiselele kahle ngoba sibe nethuba elikahle lokubuka umdlalo wabo wokugcina. Siyazi ukuthi beza nani, okumele sikwenze ukuya enkundleni siyobhekana nabo.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.