UWilliams weSuperSport upopola ingozi kuMaZulu aphefumula ngenxeba

Upopola ingozi kuMaZulu aphefumula ngenxeba uWilliams weSuperSport
URonwen Williams
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ukaputeni weSuperSport United, uRonwen Williams uthi kuzoba nzima kakhulu ukubhekana naMaZulu FC ngoba afuna ukubuyisa isithunzi sawo.

La maqembu azobhekana emdlalweni weDStv Premiership eJonsson Kings Park ngoLwesibili ntambana.

Usuthu aluyiqalanga kahle isizini ka-2021/22 njengoba lungakawini emidlalweni emibili.

AmaZulu avule ngokushaywa yiMamelodi Sundowns ngo 1-0, kwathi emdlalweni wesibili abambana neSwallows FC ngo 0-0.

“Siyajabula ngendlela esiyiqale ngayo imidlalo yethu yeligi. Sithole amaphuzu amane emidlalweni yethu emibili.

“Siyajabula ngalokhu,” kusho uWilliams. “Akulula nakancane ukudlala neCape Town City ekuhambeni, kanjalo
neLamontville Golden Arrows.

“Lawa ngamaqembu abehlale esinika ubunzima kule minyaka embalwa edlule. Siyaziqhenya ngokuthola amaphuzu amane kuwo, futhi sijabule kakhulu.”

Usuthu aluzange luyidlale imidlalo yeligi ngempelasonto ngoba beludlala umdlalo womlenze wokuqala weCAF Champions League ngoLwesihlanu.

“Ukudlala naMaZulu ngeke kube lula. Kuzoba nzima ngoba awayiqalanga kahle isizini, ngakho azobe efuna ukwenza kahle okokuqala kule sizini.

“Nokho sizozama ukugxila kithi nalokho esingakwazi ukukwenza. Sihlele kahle futhi sizamile ukuthola ngakho konke okumele sikwazi ngabo.

FUNDA NALA: Kuphele amagama kuMokwena encoma uShalulile

“Ithimba lethu labaqeqeshi liqhamuke necebo elihle ukuthi sikwazi ukubashaya. Ngeke kube lula ukudlala nabo ekuhambeni kodwa sikholwa ukuthi bayashayeka.

“Sizoya laphaya siyolwa ngethemba lokuthi sizobuya newini,” kusho uWIlliams osedlale imidlalo engaphezu kuka-300 kuMatsatsantsa.

Lo mdlalo iwona wodwa ozodlalwa phakathi nesonto. Omunye obekumele ube phakathi kweMarumo Gallants neCape Town City uhlehlisiwe.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.