UWoudenberg uzoqeda amaphutha amabi onozinti kwiPirates

UWoudenberg uzoqeda amaphutha amabi onozinti kwiPirates
USjoerd Woudenberg
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi wonozinti omusha we-Orlando Pirates, uSjoerd Woudenberg uthembisa ukuthi amaphutha abenziwa ezintini ngeke esenzeka. Le nsizwa yaseNetherlands eneminyaka engu-34 ithi izobaphucula bonke onozinti beBucs ibenze babe ngcono.

UWoudenberg uke wasebenza kancane kwiCape Town City ngaphambi kokuthi alandwe yiPirates. Uneziqu ze-Uefa B License zokuqeqesha, aphinde abe neze-Uefa A License ekuqeqesheni onozinti.

“Kule minyaka emihlanu edlule bengisebenza eNetherlands kwiGo Ahead Eagles isadlala kwiDutch Premier League nakwiFirst Division. Uma ubuyela emuva kakhulu, ngasebenza kwi-Ajax Amsterdam,” kusho yena.

Wayengumqeqeshi wonozinti eqenjini labesifazane kwi-Ajax ngo-2014. UWoudenberg uthe uselwenzile uhlelo lwezinto afuna ukusiza unozinti ngamunye kuzo njengoba belungiselela isizini nje.

“Ngicabanga ukuthi uma sizicija ngezinga eliphezulu nsuku zonke, siphucula isivinini], ukufunda izimo (zomdlalo) nokubhekana nazo… iyona ndlela engisebenza ngayo leyo.

“Uma ungabheka ngeviki elidlule bese beqalile ukubonakalisa ukuthi bayakuzwa engibafundisa khona. Ngicabanga ukuthi uma bengahlala benjena bengafika ezingeni eliphezulu.

“Uma uvimbela iqembu elikhulu njengePirates, kumele ube ngunozinti ophambili ezweni. Yilelo zinga engifuna bonke onozinti bethu bafike kulo,” kuchaza uWoudenberg.

Uthe ubafake kwaze kwazwela kwakuyena onozinti bakhe njengpba besalungiselela isizini. Kodwa uthi lokhu kufanele futhi kuhle ukuqinisekisa ukuthi kuqala isizini besesimweni esihle bonke.

“Sizikhandlile njengoba silungiselela isizini, bekunzima kodwa lokho kuhle ngoba kubacijela isizini. Uma ubheka iqembu esinalo, ubheka onozinti, ubheka ithimba labaqeqeshi, izinga liphezulu impela kuyo yonke indawo. Ngijabule kakhulu ukuba lapha.

“Ngicabanga ukuthi sizoba nempumelelo futhi ngethemba ukuthi onozinti bazokwenza nasenkundleni lokhu esikwenza ejimini. Kuyathembisa uma ubona indlela abazinikele ngayo. Kube kuhle ukuthi sizikhandle manje sisalungiselela isizini.”

Uveze ukuthi iPirates inonozinti abahlanu njengamanje. Yize engababalulanga ngamagama futhi nevideo efakwe yiPirates kwiTwitter imethula iveze esebenza noWayne Sandilands no-Elson Sithole kodwa kuzwakale sengathi uyambala noSifiso Mlungwana weGolden Arrows.

FUNDA NALA: UDolly uthembisa i-CBD engcono kunakuqala kwiChiefs 

Lo nozinti oseqenjini lesizwe lika-Under 23 kuma-Olympics eTokyo, kulindeleke ajoyine iPirates uma ebuya. ABanye onozinti abakwiPirates ngoRichard Ofori noSiyabonga Mpontshane.

“Lesi sikhathi yithuba lokuthi sisize bonke onozinti babe ngcono. Bonke onozinti bethu basezingeni elihlukene. Sinababili abasebancane nabathathu asebekhulile. Ngiyakujabulela ukubasiza bonke kulokho abadinga ukukuphucula ukuze babe ngcono.

“Ngiyazi i-Orlando Pirates iyiqembu elikhulu eNingizimu Afrika nasezwenikazi lonkana futhi cishe wonke umuntu uyafisa ukusebenza kuyo. Ngiyakubonga ukuthi iPirates inginike ithuba lokusebenza kuyo.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *